UNdunankulu waseHaiti wesula esikhundleni emuveni kwezingxoxo eJamaica
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNdunankulu waseHaiti ongakhethiwe, u-Ariel Henry, uzokwehla esikhundleni uma sekuqokwe uMkhandlu wezinguquko kanye nokuqokwa esikhundleni kwesikhashana kwaNdunankulu omusha, esho ngoMsombuluko, ngemuva kokuhola lelizwe eliseCaribbean kusukela kwabulawa uMengameli walo wokugcina ngowezi-2021.
Amaqembu ezigebengu ahlomile akhulisa kakhulu ingcebo yawo, ithonya kanye nendawo ngaphansi kokuphatha kwakhe, okwenza ukuthi uHenry alibangise eKenya ngasekupheleni kukaNhlolanja ukuze athole ukwesekwa kwemishini yezokuphepha esekelwa yiNhlangano Yezizwe yokusiza ngamaphoyisa.
Kodwa-ke, ukungqubuzana kwanda kakhulu lapho engekho futhi kwashiya lowo ongudokotela (yena uNdunankulu) oneminyaka engama-74 ubudala evalelekile endaweni yase-US ePuerto Rico ngenkathi abaholi besifunda befuna ushintsho olusheshayo.
“UHulumeni engiwuholayo uzosula ngokushesha ngemuva kokufakwa koMkhandlu (wezinguquko),” kusho uHenry ekhuluma ngevidiyo. “Ngifuna ukubonga abantu baseHaiti ngethuba engilitholile.”
“Ngicela bonke abantu baseHaiti ukuthi behlise umoya futhi benze konke abangakwenza ukuze ukuthula nokuzinza kubuye ngokushesha okukhulu,” engeza.
Amavidiyo asatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana zaseHaiti bekuyimigubhweni emgwaqweni, abantu bedansela umculo endaweni yephathi futhi kuqhunyiswa iziqhumane esibhakabhakeni ebusuku.
Isikhulu esiphezulu sase-USA sithe uHenry ukhululekile ukuhlala ePuerto Rico noma aye kwenye indawo, nakuba ezokuphepha eHaiti kuzodingeka zithuthuke ukuze azizwe ekhululekile ukubuyela ekhaya. Lesi sikhulu sithe isinqumo sokwesula sinqunywe ngoLwesihlanu.
UMKHANDLU KAMENGAMELI
UHenry kulindeleke ukuthi esikhundleni sakhe kuthathe uMkhandlu kaMengameli ozoba nezingqapheli ezimbili kanye namalunga ayisikhombisa abavotayo, abamele imifelandawonye, abavela kumkhakha ozimele, izinhlangano zomphakathi kanye nomholi oyedwa wezenkolo.
UMkhandlu ujutshwe ukuthi uqoke ngokushesha undunankulu wesikhashana; noma ubani ohlose ukungenela ukhetho oluzayo lwaseHaiti ngeke akwazi ukubamba iqhaza.
IHaiti iswele abaholi abakhethiwe kusukela ekuqaleni kowezi-2023 futhi ukhetho lwayo olulandelayo luzoba olokuqala kusukela ngowezi-2016. UHenry, abantu abaningi baseHaiti abakhomba ukuthi unenkohlakalo, wayeluhlehlise kaningi ukhetho, ethi ezokuphepha kumele ziqale ziqine.
Abaholi besifunda bahlangane ngoMsombuluko eJamaica ukuzodingida ngohlaka loguquko lwezepolitiki, i-US enxuse ukuthi ngeledlule “lusheshiswe” njengoba izigelekeqe ezihlomile zifuna ukuketula uHulumeni kaHenry.
UNobhala Wezwe e-USA u-Antony Blinken phambilini uthe umkhandlu uzonikezwa umsebenzi wokufeza “izidingo eziphuthumayo” zabantu baseHaiti, okuzokwenza ukuthi ukuthunyelwa kwezokuphepha kanye nokudala izimo zokuphepha ezidingekayo okhethweni olukhululekile.
IHaiti imemezele isimo esiphuthumayo ekuqaleni kwale nyanga njengoba izingxabano zalimaza ukuxhumana nokwaholela ekutheni kube nokweqa kabili ejele kweziboshwa ngemuva kokuthi uJimmy “Barbeque” Cherizier, umholi womfelandawonye wamaqembu ahlomile, ethe bazobumbana baketule uHenry.
‘A BLOODY REVOLUTION’
E-Haiti, umholi weqembu lezigelekeqe uCherizier usabise ngokuthi uzolandela abanikazi bamahhotela abafihle osopolitiki noma abambisane noHenry. Ucele ukuthi umholi olandelayo wezwe akhethwe ngabantu futhi ahlale eHaiti, kanye nemindeni yabo. Izazi zezombusazwe eziningi zaseHaiti ezinethonya zihlala phesheya.
“Asikho kunguquko enokuthula. Senza uguquko oluchitha igazi ezweni ngoba loHulumeni okhona uhulumeni wobandlululo, uhlelo olubi,” kusho uCherizier.

