Now Reading
Khumbula Zulu: Amazwi okugcina eSILO kuZulu nakwaboHlanga
Dark Light

Khumbula Zulu: Amazwi okugcina eSILO kuZulu nakwaboHlanga

Sixwayise ngabazocathamela umhlaba. Sathi bazoqala bahlukanise inhloko nomzimba


Usuku lwangoLwesihlanu  mhla zili-12 luhumusheka ngezindlela ezahlukene. Kwabanye lolu kube wusuku oluqopha ukuphela kwesahluko esidala kuqopheka esisha. Kanti kwabanye lolu kube wusuku lapho abanye bezibona bengabalahliwe, kumnyama ezweni. Lokhu kwaba ngenxa yokwebuza kweSILO, sesibaNyandezulu. Akukho ukungabaza ekuthini lokhu kwenzeke uZulu ungalindele futhi ungekho esimwenimqondo sokwamukela ukuthi isiqu soNgangezwe ebesisazi kule minyaka engama-49 sesiyasuka phambi kwethu. 

Usuku lwayizolo mhla zili-18 kuNdasa entathakusa iSILO silondoloziwe kulandelwa ngokuphelele inqubo yesintu. Nokho ukuhamba kwaso kusondeze isexwayiso saso nesasisho eziqutshini eziningana lapho sikhuluma naMakhosi ezizwe kanye noZulu uphelele.  Sikhuluma nelaboHlanga ngemuva nje kancane kokuba sithathe uhambo lokuya e-England njengengxenye yokuhamba ezinyathelweni zikakhokho waso, iNgonyama uCetshwayo kaMpande, iSILO sathi ngodaba loBukhosi: “Ngiyazi ukuthi ngalesi sikhathi sedemokhrasi bakhona phakathi kwethu abalala bengalele emizamweni yokwehlukanisa inhloko (iSihlalo) nomzimba (aMakhosi nezizwe).”

Kwasho ISILO ngalaba esababiza ngezitha zikaZulu.  

“Laba bazongena ngenxeba lokubona ukuthi aMakhosi ayaqhubeka nokuba mancane ngeminyaka ngenxa yokuhamba koyise. Bazo bhebhethekisa imibango yemindeni, kuxabane izingane zendoda zibanga isihlangu. Okunye okuzokwenzeka wukunyundela iSihlalo sibekwe njengento engenendaba nabantu,” kusho iSILO. 

Sakhala ngesidingo sokuvusa isikole saMakhosi esifana nekolishi eliqanjwe ngeNgonyama endala, uNyangayezizwe, iKing Bhekuzulu College. 

“Sidinga isikole esifana nalesi ngoba thina sonke esaphuma ekolishi laMakhosi sabe sinokuthile okwehlukile. Sasizwelana, sikhulisana, sivakashelana futhi sihloniphana. Hhayi manje lapho izingane zaMakhosi angomnawe nabanewethu esehlukaniswe yipolitiki noHulumeni. Muva nje sekuze kube khona aMakhosi amaphepha anawo okungamaphepha omgunyathi,” kusho ISILO.  

Sexwayisa aMakhosi mhla kuvulwa iNdlu yawo Ondini  ngonyaka wezi-2018, iSILO sathi kuwo ngobumqoka bobunye: “Nakumalungu ale Ndlu ngiyafisa ngalesi sikhathi nibheke ukunyathela kwethu ngoba kukhona abahlela ukusihlukanisa phakathi. Bakhona abangakuthandi ukuthi sikhuluma ngazwi linye yikho belala bengalele nje behlanganisa izinto ezizosiqhatha. Lokhu akuyona into entsha ngoba kwaba njalo nangonyaka we-1878 lapho kuyiwa eSandlwana impethu yabe isingene esizweni kepha abazali benu bavumelana ukuthi noma kunjalo okwabe kumqoka ngonyaka olandelayo ngonyaka we-1879, mhla zingama-22 kuMasingana kwakuwukuvikela ifa lethu, umhlaba. 

See Also

“Namanje angingabazi ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona okungenza kube khona ukungaboni ngaso linye.   Kulokho ngithi sikani iphethini kokhokho benu, ningawasusi amehlo enu kulokho okumqoka. Asivikele ifa lethu nelesizukulwane sethu, kuyothi sekudlulile bese sibuya silungisana,” kwexwayisa Ongangezwe Lakhe. 

Yize sabe singenanxa nokuba izinduna ezindaweni zaMakhosi zihlomule kepha saxwayisa ngalokho esakubiza ngonoxhaka. 

“Izinduna ziluhlaka loBukhosi futhi uma kuvela ithuba namandla okuba zihlomule kuhle. Kepha lapha uHulumeni noma ngithi abathile kuHulumeni badlala umdlalo ojulile. Siphila ezikhathini lapho abantu bengalingeka ukukhonza imali kunoBukhosi. Ngendlela uHulumeni wenza ngayo, uzodala isithombe sokuthi izinduna lezi ngezakhe ngoba eziholela nokuzoziqhatha naMakhosi nawo avele esehlukene phakathi.


Lolu daba lushicilelwe okokuqala mhla ziyi-19 kuNdasa kowezi-2021.

Scroll To Top