Usuzoba yifagugu lezizukulwane uMabatha owashisa izikhotha


KUZOQOSHWA intandokazi yomdlalo weshashashalazi, uMabatha ngenhloso yokufundisa ngawo isizukulwane samanje nokuwusabalalisa emhlabeni jikelele.
Umdlalo uMabatha osuselwe kothi Macbeth, obhalwe nguWilliam Shakespeare uzoqala ukulingiswa mhla zingama-30 kuNtulikazi e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).
Nakuba lo mdlalo obhalwe nguWelcome Msomi ngasekuqaleni kwama-70, ususelwe kokaShakespear kodwa wona ukhuluma ngendlela eyahanjwa iSilo uShaka kuze kuba sikwazi ukubamba isizwe samaZulu. Uma lo mdlalo usuka e-UKZN uzolibhekisa eCape Town, eGoli nasePretoria.
Uma sezihanjwe zonke lezi zindawo kuzobe sekuhlanganiswa idividi ezokhishwa ngasekupheleni kwalo nyaka.
Ukudidiyelwa kuzoqashwa ngeso lokhozi iYay Ahead Productions Africa yaseCape Town. Ngasohlangothini lokudidiyela izolekelelwa yiGenesius Pictures ezophinde ibheke ngeso lokhozi ukudayiswa kwale dividi.
Le nkampani iyona ebisingethe ukudayiswa nokudidiyelwa kwemidlalo enjengeMaxime Peake’ Hamlet, iMrs Lowry neNorthern Soul.
IWay Ahead Productions Afrika izophinde ilekelele iClive Morris Production yaseGoli ukuqopha uMabatha.
Ngaphandle kokuqoshwa kwalo mdlalo kuzophinde ngawo kugujwe iminyaka eli-100 kwazalwa umufi uRholihlahla Nelson Mandela owaba nguMengameli wokuqala eNingizimu Afrika ngaphansi kwenqubo yedemokhrasi.
Usuku lo mhla zingama-30 kuNtulikazi luqondene nokwaboshwa ngalo uMandela ngowe-1952 ngenxa yokuzibandakanya kwakhe nemikhankaso iDefiance Campaign eyayilwa nemithetho kaHulumeni wobandululo eyayicindezela aboHlanga. Waboshwa ngaphansi komthetho iSuppression of Communism Act.
UMsomi uthe uyajabula ukuvusa qingqo umdlalo uMabatha owawuthandwa umngani wakhe uMandela.
“Kuyangijabulisa futhi ukuthi kukhona nesikhwama iNelson Mandela Foundation kulokhu kuvuswa kwalo mdlalo. Phezu kokuguquka kwezinto eziningi kulezi zinsuku kodwa kuyathokozisa ukuthi izimfundiso nezinkolelo zikaMandela zisamile. Empeleni seziphenduke usikompilo lo mhlaba wonke. Ngesikhathi engitshela eminyakeni edlule ukuthi uMabatha ungelinye lamagugu adinga ukulondwa ngajabula kakhulu. Nginethemba lokuthi ngokuvuswa kwalo mdlalo isizukulwane esisha, i-Afrika nomhlaba wonke bazokwazi ukuqonda impilo yakuleli nalapho kuphunywa khona,” kubeka uMsomi.
Umdlalo uMabatha waqala ukudlalwa eshashalazini ngowe-1970, uMandela esavalelwe eRobben Island. Waboniswa nasemazweni ase-Europe nakuwalapha e-Afrika.
Ngowe-1972 nangowe-1973 waya eWest End Theatre, eLondon. Ngayo le minyaka waphinde wadlalwa eRoyal Shakespeare Company’s Aldwych Theatre khona eLondon. Kubikwa ukuthi lapha kwakungekho ngisho nendawo yokubeka unyawo ngenxa yokugcwala.
Esephumile ejele uMandela, ngowe-1990 wavakashela eNew York, e-USA okwakuhlala kuyo uMsomi.
UMandela wacela leli ciko ukuba livuse kabusha uMabatha nokuthi libuyele kuleli.
Ngempela ngoNhlaba we-1995 lo mdlalo wadlalwa eGoli.
Ugcine ukulingiswa ngoNhlaba wanyakenye eDurban University of Technology (DUT).
UMsomi uveze nokuthi ngaphandle kwedividi bamatasa nezinhlelo zokuphinde baqophe amadokhumentari amabili.
Eyokuqala izoveza okwenziwa nguMsomi esithe (behind scenes), kuqoshwa uMabatha nokuthi ukugujwa kweminyaka eli-100 kwaba khona uMandela kusho ukuthini kuye.
Eyesibili izoqoshwa ngasekupheleni konyaka. Izoveza ukuthi izinkolelo, neziyalo zikaMandela zisayilawula kanjani impilo yezakhamuzi zomhlaba phezu kokuba engasekho.
La madokhumentari ozodidiyelwa aphinde aqondiswe uKate Blewett wase-United Kingdom (UK), ngaphansi kweBongo Films.
Phakathi kwezinye zezindondo ezinqotshwe yiBongo Films yiBritish Academy Film Wards (BAFTA).
- mkhizes@ingabadimedia.com