Ukulandela iKaizer Chiefs iminyaka engama-50


Uma usakhula uhlangana nezinto eziningi, ezinye zazo zigcine seziyingxenye yempilo yakho. Lokhu kwenzeka noma ingekho into enkulu oyizuzayo ngokuzimbandakanya nalezo zinto. Noma kunjalo zikulethela injabulo empilweni yakho, ukhulume ngazo kubangani nakunoma ubani onenhliziyo nesineke sokukulalela. Enye yalezo zinto ukuba umlandeli weqembu lebhola lezinyawo elithi uma lidlala, ikakhulu uma linqoba, uzizwe sengathi umhlaba wonke usezandleni zakho.
Kulo nyaka iKaizer Chiefs igubha iminyaka engamashumi amahlanu leli qembu lasungulwa. Abanye bethu abaqalanga ukulandela iKaizer Chiefs isibizwa ngeKaizer Chiefs, kodwa baqala ngokulandela uShintsha Guluva eseku-Orlando Pirates, ikakhulukazi ngesikhathi ebuya e-United States of America lapho abedlalela khona i-Atlanta Chiefs. Wathi lapho esungula iqembu elalibizwa ngeKaizer Eleven, izinhliziyo zabo zahamba naye zayogxila iqenjini lakhe. Kubalulekile ukuveza ukuthi abanye bethu babengayilandeli i-Orlando Pirates okwakuyiqembu uGuluva ayelidlalela eNingizimu Afrika. Mina nje alikho iqembu lebhola lezinyawo engangililandela. Angisho ukuthi ngangingazi ukuthi ngokulandela uShintsha Guluva ngangilandela umuntu owayenephupho lokuguqula unobhutshuzwayo ngendlela eyayingakaze ibonwe eNingizimu Afrika. Engikushoyo wukuthi ukusungulwa kweKaizer Chiefs nguMotaung nalabo ayebambisene nabo, kwaba yinguquko enqala kwezebhola lezinyawo e-Afrika EseNingizimu.
IKaizer Chiefs yasungulwa izinsiza eziningi zokuxhumana zingakabi khona. Umsakazo wesiZulu wawuthatha iKaizer Chiefs uyifake kuwo wonke amagumbi ekhaya noma ngabe uKwaZulu, useSOWETO, useMpumalanga, noma useSwatini. Lokhu kwenza iKaizer Chiefs ingabi iqembu likanobhutshuzwayo nje, kodwa ibe yisizinda esaba sezinhliziweni zabantu abaningi ngaphandle kwaleli. Ngikhumbula ngisakhula eSwatini ngeminyaka yama-70, kwakungalaleki uma iChiefs yehluliwe. Uma yehlulwe emdlalweni ngempelasonto kwakusiza bona abazali ngolaka lwabo kanye nesibhaxu ababesidedela ukuze ngiye esikoleni ngoMsombuluko. Ngineqiniso lokuthi baningi kakhulu abanye abafana besikole babephila ngale ndlela. Kuthe khona sekuqanjwa iculo elithi:
Yela Makhosi we
Yela Makhosi we
Uyizwile le ndaba we
Uyizwile le ndaba we
Ukuthi Chiefs mama
Igijima ngoDoctor we
Ukuthi Chiefs mama
Igijima ngoKhuse we
Umuzwa wenjabulo, nogqozi kugcwale inhliziyo.
Phela uhla lwabadlali okwakumele baqale umdlalo, ngangilwazi njengoba ngizazi mina. Phela kwakunezingwazi kuleli qembu ngeyama-70 neyama-80. Uthini phela ngoba yayigijima ngezihlabani oJoseph “Banks” Sethlodi, uRyder Mofokeng, uGerald “Mgababa” Dlamini, uPetros “Shumi Lamashumi” Nzimande, uTikkie Khoza, u-Aerial “Pro” Khumalo, uHerman “Pele” Blaschke, uPatrick “Ace” Ntsoelengoe uma uthanda “Umbhekaphansi”, uZakharia “Maria Maria” Lamola, uKaizer “Shintsha Guluva” Motaung no-Abednigo “Shaka” Ngcobo uma uthanda “Valdez is coming Home”. Angiyikhohliwe naleyo ndoda uJohnny “Magwegwe” Mokoena. Lapha ngicaphune ekuqaleni, kodwa aba khona amanye amaqhawe kuze kube yinamuhla.
Njengoba siphawulile ngaphezulu, ukusungulwa kweKaizer Chiefs kuze kube yimanje, kwaguqula ukucabanga kwethu ngebhola likanobhutshuzwayo. Kwenza wonke umuntu angalibheki ibhola njengento eyenzeka ezinkundleni zemidlalo kuphelele lapho. Yenza ubumbano lwabantu ngaphansi komthunzi wokulandela leli qembu udlondlobale ngendlela eyayingakaze ibonwe eMzansi ne-Afrika. Lokhu kwabonakala ngokusungulwa kwamagatsha eKaizer Chiefs kuwo wonke amazwe akhele iNingizimu Ye-Afrika. Ngalokhu, angisho ukuthi amanye amaqembu akakwenzanga lokhu, kodwa akwenza eselingisa. Amagatsha eKaizer Chiefs kuze kube manje ahlanganise izinhlanga eziningi into ebe yichaza elimqoka ekubumbaneni kwesizwe saseNingizimu Afrika.
Olunye uguquko olukhulu olwalethwa yiKaizer Chiefs ukuthi umdlalo webhola lezinyawo uqhutshwe njengebhizinisi. Lokhu kuvela kalula uma ubheka uhlaka lokuphathwa kweChiefs. Leli qembu kudala laphuma ekuphathweni njengenhlangano yomphakathi yokuthi kujatshulwe, kuhlekwe, kuphelele lapho. Kule minyaka engama-50 yasungulwa iKaizer Chiefs, idlondlobalile ngokuba yibhizinisi elikhulu ngokufana namanye amabhizinisi eNingizimu Afrika.
Lokhu singakubuka ngezindlela ezehlukene, kodwa okubalulekile wukuthi le nguquko yobubhizinisi ibuguqule kakhulu ubuso bukanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika. Nakube namanye amaqembu ebhola kuleli ezama ukulandela le nqubo, iKaizer Chiefs abaqambi bendlela.
Ukugubha iminyaka engamashumi amahlanu iKaizer Chiefs yasungulwa, ukubungaza impumelelo, hhayi nje yeqembu kuphela, kodwa ye-Afrika EseNingizimu.