Now Reading
Isiyogezelana ensimini ekaMokwena noRamovic
Dark Light

Isiyogezelana ensimini ekaMokwena noRamovic

Iyashuba impi yomqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena noSead Ramovic opheka iTS Galaxy FC.

La baqeqeshi sebephenduke inkukhu nempaka kusukela iRockets yakhipha iBrazilians emzuliswaneni wokuqala weCarling Knockout Cup ngonyaka odlule.

IGalaxy yamangaza abaningi iqumba phansi iSundowns sekukhahlelwa amaphenathi kulo mqhudelwano.

Ngemuva komdlalo uMokwena wakhala ngokungabikhona kwezithenjwa zakhe zabadlali ezifana noThemba Zwane, uRonwen Williams, u-Aubrey Modiba, uTebogo Mokoena noMothobi Mvala ababesekhempini yeBafana Bafana.

Inkulumo kaMokwena ayizange yehle kahle kuRamovic owalibeke ngembaba elokuthi kuyacaca ukuthi lo mqeqeshi ubukela umsebenzi wethimba lakhe labaqeqeshi phansi.

“Angicabangi ukuthi ningathanda ukuzwa uhlangothi lwami mayelana nodaba oluthinta mina nomqeqeshi weTS Galaxy FC. Asiluyeke lunjengoba lunjalo udaba lwakhe. Konke okushoyo kuqondile. Asimyeke eqondile kanjalo. Mina ngingumuntu omubi nongenzanga kahle. Uma kunento engifuna ukuyisho kuSead ngizothatha ucingo ngiluhlabe kuyena. Engicabanga ukuthi engifisa ukukusho kuyena kungamele kuziwe umphakathi. Anginandaba uma efuna ukulwa nami,” kulandisa uMokwena.

URamovic wagcina egxeka uMokwena emsola ngokuthi sasingekho isidingo sokukhala ngokungabibikho kwezethenjwa zakhe ekubeni iSundowns ichitha izindlodla amasizini onke ithenga izibabuli zabadlali.

“Baningi abaqeqeshi asebeke balwa nami phambilini. Uma usuqala ukuthi iqembu lami lichithe izindlodla lithenga abadlali lapho-ke usuweqa umgcele. Usudelela umndeni wakwaMotsepe. Lapha sikhuluma nomndeni odela izindlodla zomndeni ngenhloso yokwenza umehluko ebholeni nakwezinye izingxenye zezwe nomphakathi. Ezinsukwini ezedlule nje nibabonile benikelela izingane zesikole ebezikweleta esikoleni. Bese kuba nomuntu ozovele aqhamuke akhulume kanjeya. Njengabaqeqeshi kumele siqaphele izinto esizishoyo,” kuqhuba uMokwena.

See Also

IGalaxy neSundowns bazotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership eMbombela Stadium ngoLwesithathu ngelesi-7.30 ebusuku.

“Kungani kumele ngisho izinto ezihlabayo ngeTS Galaxy ngoba iTS akuyona ngisho ekaSead. Iqembu likaTim Sukazi. Ngiyamhlonipha kakhulu uTim Sukazi. Kumele sihloniphe abantu baseNingizimu Afrika abafana noTim abasebenza kanzima ukuze baphathe amaqembu ebhola. Into ayikhalelayo wukuthi usenqobe imidlalo emihlanu ilandelana kanti nithule. Ufuna nikhuluma ngaye, ufuna nimncome. Uyazicelela. Ukubeke kwacaca ukuthi usenqobe imidlalo emihlanu ilandelana. Mfakeni ezindabeni ngaso sonke isikhathi. Ufuna lokho. Animboni? Umdlali wakhe odlala ngakwesokunxele emuva usakhe amagoli ayisishiyagalombili. Unitshelile, manje niyamziba.” kubeka uMokwena.

Lo mqeqeshi uthe ngeke abe nenkinga yokuxhawulana noRamovic uma sebehlangana koweligi.

“Mnikeni akufunayo bakwethu ngoba uma ningamniki nizokwenza akufune ngenkani. Ugcine elwa nabantu abafana nami. Mina anginankinga uma elwa nami. Le nto ayenzayo uyenza ngoba efuna ukunakwa. Mnikeni. Chithani isikhathi naye. Nihleke naye. Ufuna lokho. Bhalani ukuthi ufunwa ngamaqembu athize. Uma efuna sixhawulane sizoxhawulana. Anginankinga nalokho,” kuphetha uMokwena.

Scroll To Top