Now Reading
Akawuvali umlomo ngezinga lomphebezo emhlabeni
Dark Light

Akawuvali umlomo ngezinga lomphebezo emhlabeni

Emasontweni edlule iTheku belisingethe umqhudelwano womphebezo obizwa ngeWorld Contender Series, e-Olive Convention Centre (OCC). 

Inhloso yalo mqhudelwano owawuhlelwe iSouth Africa Table Tennis Board (SATTB) ngokubambisana neWorld Table Tennis (WTT), kwabe kungowokuhlunga abadlali abazokuba yingxenye ye-International Table Tennis Federation (ITTF) World Championship, ezoqala mhla zingama-20 isongwe mhla zingama-28 kuNhlaba e-International Convention Centre (ICC), eThekwini. Okugqamile ukuthi kule midlalo bekudlala osondonzima abahlonishwayo emhlabeni.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nomdlali okeliswe kunombolo-1 kuPara Table Tennis kuleli uSthabile Mnyandu. Ubechaza ngakufundile, njengoba ubebukela abadlali abahloniphayo kulo mdlalo.

“Ngifunde okukhulu. Engikubonile ukuthi isayinde indlela okumele ihanjwe abadlali balapha eNingizimu Afrika, amazinga awafani nhlobo. Okunye ukuthi laba badlali bakulamazwe abeyingxenye yalo mqhudelwano ngeledlule bathatha lo mdlalo njengoomsebenzi  kubona obaphilisayo, futhi banabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu kakhulu.

Okuningi kuyafana nokwethu ukuthi izinga lithe ukunyuka kubona. Konke engikubonile ngizobuyela emuva  ngiyosebenzela kukhona ngibone ukuthi ngiphelelaphi,” kusho uSthabile.

Kulo mqhudelwano weWorld Contender Series, kukhonye iChina enqobe kowamanqamu eminxeni emine.

Ibuzwa le ntokazi ukuthi ngabe iNingizimu Afrika ikulungele yini ukusingatha umqhudelwano ozoba ngoNhlaba uthe: “Indlela engibone ngayo angikuboni okungavimba iNingizimu Afrika ekutheni isingathe lo mqhudelwano. Konke bekuhlelekile, ngingazike ngokwenzeka ngemuva kodwa okade kusemehlweni ethu izinga beliphezulu kakhulu” isho kanje.

“Ingqayizivele yethuba leli kubadlali balapha eNingizimu Afrika. Kuyinto enkulu kakhulu ukuthi uzobe ulapha kwelikabhanana, ngiyajabula kakhulu ngizoncela ulwazi olukhulu ngizobe ngibhekene nezingonyama ekhaya lami lapho engidabuka khona. Lokhu kuveza ukuthi iTheku alilincanyana. Angingabazi ukuthi lo mqhudelwano lizowusingatha ngokweqophelo eliphezulu, nasemnyakeni ezayo miningi imiqhudelwano esazosingathwa iTheku,” kusho uSthabile.

See Also

Uthe mhlazane kuthiwa uthatha isinqumo sokuthi ushiya phansi lo mdlalo, uyobe esenyukela ekubeni ngumqeqeshi. Ukhale ngokuthi nyakenye kuningi okungahamba kahle, akafisi ukuthi kumphinde naku lonyaka.

“Imiqhudelwano ayibanga miningi, okuyinto engibulale kakhulu ngoba bengizikhandla ejimini ngihlezi ngilungele ukudlala kodwa ngingadlali. Kusukela ngonyaka wezi-2019 lokho bekwenzeka, ngithemba lona uzoba ngohlukile ngizokwazi ukuthi ngidlale imiqhudelwano eminingi ngiqhubeke nokuhlala phezulu,” kusho uSthabile.

NgoZibandlela nyakenye uqokwe njengeMeneja yeTheku kumqhudelwano wamaSalga, nalapho iqembu lakhe lenza kahle kakhulu.

“KZN eminyakeni ezayo sizoba sezingeni kulo mdlalo, lokho ngizibonele khona ngoZibandlela izingane ezincane  zinalo ithalente. Lokhu kushiya abaqeqeshi, nabaphathi bezemidlalo esifundazweni ukuthi benze isiqiniseko sokuthi leli thalente alishabalali,” usho kanje.

Scroll To Top