Now Reading
UMokwena akasayinaki eyokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana
Dark Light

UMokwena akasayinaki eyokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena akasayinaki eyokugxekwa ngoba uyaqonda ukuthi inselelo ehambisana nesikhundla sakhe.

Abalandeli bebhola eNingizimu Afrika ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana bahlale begxeka uMokwena ngokuzenza noma ngokukopela izitayela zomqeqeshi weManchester City uPep Gaurdiola.

Akuyona imfihlo ukuthi uMokwena uyazifela ngoGaurdiola. Umbona ngendlela agqoka ngayo ethi ayifane ncamashi nalo mqeqeshi waseSpain. Isitayela sokudlala seSundowns naso sithi asifane neseCity.

“Ngibusisiwe ngokucija iqembu elinabadlali abaseqophelweni eliphezulu njengeSundowns. Inkinga ngesibusiso sinakho ukuhambisana nezihibe zakhona. Mhlawumbe nike nibone ukuthi ngiwumqeqeshi ogxekwa noma onakwa kunabobonke. Konke engikwenzayo kuyahlaziywa. Nokho lokho kuyingxenye yomsebenzi wami nejoka eliza nokucija iqembu elikhulu nelinabadlali abaseqophelweni njengeSundowns. Izibusiso kumele uzamukele nasebumnyameni. Okumqoka wukuthi ukhakhayi luqine ukwazi ukubhekana nezihibe noma kungathiwa zingakanani,” kusho uMokwena.

Isizini yesibili le uMokwena enikwe izintambo ngokuphelele ukucija iSundowns. 

Phambilini bebebambisene noManqoba Mngqithi. Ngemuva kokushaywa yi-Orlando Pirates kuMTN8 iqembu lathatha isinqumo sokwehlisa uMngqithi esikhundleni sakhe kwathi uMokwena wanikwa izintambo ngokugcwele.

“Kunento engayifundiswa ugogo wakhe ngaphambi kokuthi ulale kubalulekile ukuvala amehlo bese ushaya umthandazo omncane. Lapho usuke ungaceli. Usuke nje ubonga. Usuke ubonga isibusiso esiyimpilo. Uphinde ubonge nakho konke okuhle asenzele khona,” kuqhuba uMokwena.

ISundowns ihlezi esicongweni seDSTV Premiership ngamaphuzu angu-42 ngemuva kwemidlalo eyishumi nesithupha. Ivule igebe lamaphuzu ayishumi nanye kuCape Town City esendaweni yesibili.

See Also

“Leli qembu liyazinikela yingakho lithola imiphumela emihle. Libuye eMauritania ngehora lokuqala emini ngeSonto. NgoMsombuluko bebedingakala ejimini ngehora leshumi kwathi ngehora lokuqala bekumele bebesebesekhempini. Akasitholanga isikhathi nemindeni yabo. Ngeke ubezwe bekhala. Ngalesi sikhathi sesizini sidinga lokho. Kumele sibathulele isigqoko ngokuhlonipha nokulwela isithunzi seqembu ngaso sonke isikhathi,” kubeka uMokwena.

NgoMgqibelo ngo-3 ntambama, iSundowns izobhekana neTP Mazembe emdlalweni wokugcina wamaqoqo eCaf Champions League. La maqembu abanga indawo yokuqala.

“Sisafuna okungaphezu kwalokho esesikuzuzile. Sisafuna inqwaba yamaphuzu, yinqwaba amagoli nenqwaba yemidlalo lapho singeke singenelwe amagoli nenqwaba yezicoco. Sisafuna okuningi. Isizini ayiphelile. Ngike ngezwa umqeqeshi we-Arsenal u-Arteta ekhuluma ngokudlala imidlalo engu-70 ngesizini. Uma ubheka iqembu nemidlalo esesiyidlalile noma esisazoyidlala nathi sibheke lapho. Uma ubala imidlalo eyishumi nesithupha yeligi esesiyidlalile, emihlanu kuCaf Champions League, eyisithupha ye-African Football League, emine yeMTN8, eyisikhombisa yeBafana Bafana uzubona ukuthi abanye abadlali sebedlale cishe imidlalo ebheke kwengamashumi amane manje. Lokhu kuchaza ukuthi abadlali beqembu baziphethe kahle, baphila impilo eqondile futhi bazimisele ngokuyeka izinto ezithize ukuze bazuze impumelelo neqembu.” kulandisa uMokwena.

ISundowns isinqobe i-African Football League (AFL) kule sizini. Kowamanqamu eMTN8 ihlulwa yiPirates. Isekhona kuNedbank Cup.

Scroll To Top