IMilford ethubeni lokuqhubeka ukwenza iChiefs ihlaya kuNedbank Cup
IMilford FC isethubeni lokwandisa usizi lweKaizer Chiefs kuNedbank Cup.
NgeSonto ngelesi-6 ntambama, iStallions izobhekana naMakhosi emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup.
Izimpofana yizona eziphethe umlando wokunqoba izicoco eziningi zeNedbank kusukela yaqala ngowe-1971.
Isinqobe izicoco eziyishumi nantathu. Nokho isinesikhathi yagcina ukukhonya kuNedbank. Selokhu yagcina ukuphakamisa le ndebe ngowezi-2013 iqumba phansi iSuperSport United ngo 1-0 wegoli likaBernard Park eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kule minyaka eyedlule Abafana Bokuthula Noxolo baphenduke inhlekisa kulo mqhudelwano beshaywa amaqembu asuka ezigabeni eziphansi.
IMilford naye isethubeni lokubalwa nala maqembu amancane aseke agila iChiefs kule minyaka eyedlule.
IStallions isuka eRichards Bay, KwaZulu-Natal (KZN) igijima kuMotsepe Foundation Championship. Ngesizini edlule leli qembu belidlala ku-ABC Motsepe League. Lithenge isitifiketi se- Uthongathi FC obidlala kulesi sigaba.
Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela isibhekela amaqembu amancane aseke aphendula iChiefs inhlekisa eminyakeni eyedlule.
Mhla zingamashumi amabili nanye kuNdasa ngowezi-2009:
Kaizer Chiefs 3-4 University of Pretoria:
Amakhosi aphenduka ihlaya ngowezi-2009 equnjwa phansi amaTuks ayebophele u-Andile Jali, uMthokozisi Yende noPhenyo Mongalo. UJimmy Tau wahebezwa abalandeli ephendulwa umgqwaqo nguMongalo owagcina ku-Orlando Pirates. IChiefs yagcina iwashe ijezi kulo mqhudelwano.
Mhla zingamashumi amahlanu kuMbasa ngowezi-2010:
iFC Cape Town 2-0 Kaizer Chiefs:
Ngonyaka olandelayo iChiefs kwayiphinda lokho imangazwa yiFC Cape Town. La maqembu ahlangana kuLast 16 yeNedbank Cup. Leli qembu laseKapa lanqoba ngama-2/0 ngamagoli kaSamuel Lakay noSamuel Eboulle Bille.
Mhla zingamashumi amabili nane kuMbasa ngowezi-2011:
IBaroka FC 2-1 Kaizer Chiefs:
Namanje kusakhulunywa ngalo mdlalo okwagqama kuwona uThobani Mncwango. Ngalesi sikhathi iBaroka yayidlala kuVodacom League eseyaziwa nge-ABC Motsepe League.
Mhla ziyishumi nesishiyagalombili kuNhlaba ngowezi-2019:
IKaizer Chiefs 0-1 TS Galaxy FC:
Kuze kube yimanje iChiefs ayikaze ivuke phansi selokhu yagilwa yiTS Galaxy eMoses Mabhida kowamanqamu weNedbank Cup ngaphansi kobuholi buka-Ernst Middendorp. UZakhele Lepasa nguyena owaphula izinhliziyo zabalandeli baMakhosi. AmaRockets aba yiqembu lokuqala elidlala ezigabeni eziphansi emlandweni webhola e-Afrika ukunqoba iNedbank Cup.