Yevile esigamini sekhulunyaka awaseKZN engayiqubuli iNedbank Cup
Amaqembu adabuka esifundazweni iKwaZulu-Natal abhekene nengcindezi enzima yokuqeda amabhadi kweyemikhimulajezi ngokuphakamisa isicoco seNedbank Cup.
IKZN imelwe yiRoyal AM, Amazulu FC, iRichards Bay FC, iLamontville Golden Arrows, iMilford FC neRichards Bay FC kuLast 32 yeNedbank Cup.
Eminyakeni engama-53 eyedlule alikho iqembu laseKZN eselake lanqoba iNedbank Cup eyaqalwa ukudlalwa ngowezi-1971 isabizwa ngeLife Challenge Cup.
Amaqembu aseKZN aseke afinyelela kweyamanqamu amahlandla amaningi kodwa kwawabhedela.
Alikho eselake laphakamisa isicoco kule minyaka engama-53. USuthu yilona eselike lacishe lawunqoba lomqhudelwano.
Seliqunjwe phansi kweyamanqamu amahlandla ayisithupha (ngowe-1972, we-1973, we-1974, we-1987, we-1990 nangowe-2010).
Ngowe-1972 nangowe-1974 lathelwa othulini yiKaizer Chiefs kwathi ngowezi-1973 yaguqiswa yi-Orlando Pirates.
Iphinde yagilwa Amakhosi ngowe-1987 kwathi ngowe-1990 yamangazwa yiJomo Cosmos. Amazulu yiwona agcina ukufika kowamanqamu ngowezi-2010 nakhona akhala ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu.
Atitinywa yiBidvest Wits kowamanqamu ngama-3/0 kuvulwa iFNB Stadium, eNasrec, eGoli ngaphambi kweNdebe YoMhlaba yangowezi-2010.
Iqembu lokugcina laseKZN elifike kowamanqamu weNedbank Cup kube yiMaritzburg United ngowezi-2018.
Ithelwe othulini yiFree State Stars ngeli-1/0 ngegoli likaSithembiso “Deco” Dlamini eCape Stadium, eKapa.
Kusukela lapho alikho elinye iqembu laseKZN elike ladlala kowamanqamu. Amanye ake ashaywa kweyamanqamu eminyakeni eyedlule yi-African Wanderers neManning Rangers.
Ngowe-1982, iWanderers yaguqiswa yiChiefs ngeli-1/0 kwathi ngowe-1985 yadliwa yiBloemfontein Celtic ngeli-1/0.
IRangers nayo ayizange ilibone elidlalayo kuMoroka Swallows ngowezi-2005. Yakhala ngaphansi ngama-3/1.
Kuleli sonto wonke amehlo azobe ethe njo emaqenjini aseKZN ekutheni aqede lamabhadi kuNedbank Cup.
Namuhla ngelesi-7 ebusuku, Amazulu azotholana phezulu neRoyal AM emdlalweni wabakhaya kuLast 32 yeNedbank Cup eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
NgoMgqibelo ngelesi-6 ebusuku, iRichards Bay FC izokwamukela iPolokwane City eKing Zwelithini Stadium bese kuthi ngeSonto ngelesi-3 ntambama iMaritzburg United ishukane nePaarl United ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Ngakolunye uhlangothi iMilford FC izobanga indawo kuLast 16 yeNedbank Cup neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngeSonto ngelesi-6 ntambama.
Iqembu lokugcina laseKZN elagcina ukunqoba isicoco somkhumulajezi kwaba yi-Arrows ngowezi-2009 ngesikhathi iphakamisa isicoco seMTN8 ilobola i-Ajax Cape Town ngayisi-6/0 e-Orlando Stadium, eSoweto, eGoli.