Now Reading
UCijimpi ucijela ukubuyisa izinsuku zenjabulo oSuthwini
Dark Light

UCijimpi ucijela ukubuyisa izinsuku zenjabulo oSuthwini

Usephumele obala ngesifiso sakhe sokuqeda isomiso seminyaka engamashumi amathathu nambili Amazulu ehlulwa wukunqoba izicoco uPablo “Cijimpi” Martin opheka uSuthu.

Amazulu selokhu agcina ukuphakamisa isicoco ngowe-1992 ngesikhathi equmba phansi iKaizer Chiefs ngama-3/1 kowamanqamu weCoca Cola Cup ngaphansi kobuholi bukaClive Barker ongasekho emhlabeni.

Kusukela lapho uSuthu alukaze luphinde luhlabane ngesicoco. Lidliwe kowamanqamu emqhudelwaneni ofanayo ngowezi-2010.

Laqunjwa phansi yiBidvest Wits kowamanqamu. Ngowezi-2022, Amazulu aguqiswe yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8.

UMartin utshele abezindaba ukuthi unephupho lokunqoba isicoco seNedbank Cup noSuthu.

“Yebo, iphupho wukuyinqoba le ndebe. Angihlonizi ngalokho. Niyakholwa wukuthi singakwazi ukufeza leli phupho uma sizozinikela ngokuphindiwe. Okumqoka wukuthi iqembu liqhubeke lithuthuke. Amazulu anakho konke ukushaya noma yiliphi iqembu lapha eNingizimu Afrika,” kusho uMartin.

USuthu lusanda kubhonya iThwihli Thwahla ngama-3/0 ngoZibandlela emdlalweni weDSTV Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

See Also

“Njengamanje asikabi sezingeni lethu elifanele. Kuyasho ukuthi sibuya ekhefini lamasonto amade. Yingakho lo mdlalo umqoka. Uma sibadla okuzoqhuba umgqigqo wethu omuhle emidlalweni yabakhaya sizofinyelela kuLast 16 sesisesimeni esihle kakhulu. Sinalo ithuba lokuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano njengoba senzile kuCarling Cup. Ngiyakholwa wukuthi sizohamba ibanga elide bese siyawunqoba umqhudelwano. KuCarling Cup sasikufanele ukufinyelela kowamanqamu uma ngibheka indlela esadlala kahle ngakhona,” kubeka uMartin.

USuthu lusazikhotha amanxeba kulandela ukugilwa yiCape Town Spurs ebambe ibhuleki kulogi. Libhambabulwe ngama-3/1 eKapa ngempelasonto.

“Sifunde lukhulu emidlalweni eyedlule esiyidlale neRoyal AM. Angeke ubelula umdlalo wethu nabo. Ngumdlalo wabakhaya. Okwamanje yithina esisangomakhonya emidlalweni yabakhaya uma kubhekwe imiphumela nemidlalo esiyinqobile. Ngihlalele ethembeni lokuthi sizoqhubeka nerekhodi lethu elihle kweyabakhaya.” kusho uMartin.

Scroll To Top