ISundowns ilinyalelwe yizethenjwa zabadlali
Ilinyalelwe yizethenjwa zabadlali iMamelodi Sundowns ezihola phambili kuDSTV Premiership.
Lokhu kuvele ngesikhathi umqeqeshi weSundowns uRhulani Mokwena exoxa nabezindaba ngemuva kokubhambabula iLa Masia ngayisi-6/1 emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup obuseDobsonville Stadium, eSoweto, eGoli ngoLwesibili ebusuku.
ILa Masia idlala kuMotsepe Foundation Championship. Amagoli eSundowns abaselwe enethini nguGaston Sirino obhanjiswe ezintanjeni amathathu, Lebohang Maboe, Terrence Mashego, noMattas Esquivel.
“Abanye abadlali hhayi ngoba sibaphumuzile eqinisweni. UMothobi ulimele kungenzeka ahlale amasonto ayisithupha kuya kwayisishiyangalombili. USailor naye ngeke abonakale amasonto ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili. Udonseke umsipha,” kusho uMokwena esingathameni nabezindaba ngemuva komdlalo.
IBafana ihambe nenqwaba yabadlali beSundowns ku-Africa Cup of Nations (Afcon). Iqoke abayisishiyagalolunye okubalwa kubona uMvala, uKhuliso “Sailor” Mudua, uGrant Kekana, uThemba Zwane, uTebogo Mokoena, uMashego, uRonwen Williams, u-Aubrey Modiba, uThapelo Maseko noThapelo Morena.
“USailor baqhubekile bambophela ngisho eselimele okuyinto engishiye ngidumele. URonza (Williams) unenkinga yehlombe yingakho namuhla (esho ngoLwesibili) sikhethe ukumphumuza. UMshishi naye unomhuzuko,” kulandisa uMokoena.
UMaseko wathinteka kabuhlungu iBafana ibhekene neCape Verde kuma-quarterfinal. Naye wadonseka umsipha.
“Abanye abadlali ababuya kuBafana akukona ukuthi sifuna ukubaphumuza noma cha. Babuyele belimele kakhulu kodwa akusenani. Izinto zinje akukho esingakwenza. Bebhekene ne-Orlando Pirates bakhombisile ukuthi baseqophelweni elifanele lokulwela iqembu ukuze lenze kahle,” kuvala uMokwena.