Luselude ukhalo kufanele sisebenze ngokuzimisela- Khuboni



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Yize kubukeka isinqobile eqoqweni layo iGWP Friends kodwa uThanduyise “Gonondo” Khuboni ongukaputeni waleli qembu, ubona usemude umqansa.
IFriends igijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, emva kwemidlalo eyisi-8 isikwaze ukuthi iyinqobe yonke. Iseqoqweni B namaqembu ali-10, inamaphuzu angama-24 oyilandelayo unamaphuzu ali-16.
“Sihamba phamabili ngamaphuzu ayisi-8 kodwa akusho ukuthi sekumele singaqhubeki nokusebenza kanzima, sizodlala umdlalo wokugcina kule mpelasonto womlenze wokuqala. Emva kwalo mdlalo kuzosala imidlalo eyisi-9 lapho kusho ukuthi kusengenzeka noma yini. Asikanqobi nhlobo eqoqweni lethu kusamele sinqobe nje imidlalo ebalekayo” kusho uKhuboni.
Emdlalweni wokugcina obungeSonto eCurries Fountain iFriends ibibhekene neClassic FC, yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni nelivalelwe phakathi uMfundo “Chico” Mdluli ngemizuzu yokugcina.
Amava kaKhuboni ayaziwa kakhulu lapha eNingizimu Afrika kwazise wazakhela udumo kwiLamontville Golden Arrows, iMpumalanga Black Aces, iHighlands Park nakuThongathi FC ahlale khona isikhathi esincane. Ungomunye wabadlali ababeseqenjini leBafana Bafana eladlala iNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2010.
“Isifiso sethu ukuthi ngesizini ezayo sifake iqembu kuGladAfrica Championship, ingakho nje umdlalo nomdlalo siwuthatha njengowamanqamu. Sibambisene kakhulu, mina njengomuntu omdala nongukaputeni ngenza isiqiniseko sokuthi ngilihola kahle iqembu. Isikwati esinaso siqine kakhulu, kanti nethimba labaqeqeshi nalo linabantu abazi ibhola” kusho uKhuboni.
Uthe kungamjabulisa ukuphinde ebonakale kumabonakude, ebukwa abalandeli abaningi kwazise ubile kulobo bumnandi isikhathi eside. Lobo bumnandi uhlezi ebutshela abadlali abancane kuyona iFriends nokuyisikhuthazi kubona, kwazise abanye abakaze bebonwe kumabonakude.
Ebuzwa ngemfihlo eyenza ukuthi iFriends ibhaxabule kwasani ephambi kwayo uthe: “Ayikho imfihlo etheni, ngesizini edlule besidlala kahle kodwa sihluleka ukunqoba imidlalo ebalulekile lokho esikushintshile kule sizini. Abadlali ebesinabo basakhona, bakhona abancane abangezile kwafika nomqeqeshi omusha naye ofike waletha ulwazi oluhlukile” usho kanje.
IFriends iqeqeshwa uSheldon Roux onamava kakhulu okuqeqesha kuleligi, enkundleni igabe ngoZandre “Gabuza” Booysen osevalele phakathi amagoli ayisi-5 emdlalweni eyisi-8. Lo mdlali ubegijima kuCape Town City edlala kuDStv Diski Challenge iseyiMultichoice Diski Challenge (MDC), leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi lo mdlali ufunwa uthuli iRichards Bay FC esembangweni wokunyukela kuDStv Premiership.
Abanye abadlali abakhona kuleli qembu abayingozi, uMdluli oseke wagijima kuThongathi FC, uMazwi “Jomo” Mncube odlalele iRoyal Eagles neThanda Royal Zulu, uThabani Mthembu owadlalela iSupersport United, iPlatinum Stars neqembu lesizwe. IFriends kule mpelasonto izotholana phezulu noMakhambathi FC ekuhambeni.
Kuqoqo A khona kuminyene utshumo njengoba iSummerfield Dynamos neNjampela FC belingana ngamaphuzu.
Kuzo ezithinta i-ABC Motsepe leli phephandaba likhulume noWelcome Mpanza ongumphathi woMsinga United, lesi sikhulu sikusho kwagcwala umlomo ukuthi iFriends ayingaqale ijabule ngoba kumlenze wesibili kuningi okusengenzeka.
“Ngikholwa ukuthi abantu abaningi bawutholile umyalezo ngendlela esinqobe ngayo ngeledlule. UDoctor Mkhonza ngokubambisana noSmart Ndlovu ngikholwa ukuthi bazomangaza abaningi kumlenze wesibili. Okumele sikwenze ukuthi kungabi khona nowodwa umdlalo esihlulwa kuwona” kusho uMpanza.
UMsinga United ubhaxabule iNewcastle All Stars ngamagoli amathathu eqandeni, uMkhonza oqeqesha leli qembu uyena oyise uMvoti FC emidlalweni yokuhlungela ukuya kwiGladAfrica Championship kabili kulandelana.
“Okumnandi kule mpelasonto sidlala ekhaya, sifuna ukuthi yonke imidlalo yasekhaya siyinqobe nasekuhambeni singahlulwa masinganqobanga sidlale ngokulingana” kusho uMpanza.