Now Reading
I-ANC ayinaso isizathu sokumvikela uDkt uKhoza
Dark Light

I-ANC ayinaso isizathu sokumvikela uDkt uKhoza

UDkt uMakhosi Khoza oyilungu le-ANC ePhalamende likazwelonke usephumele obala ngemizwa yakhe ngobuholi bukaMengameli uZuma. Leli lungu likhuluma embungazweni wosuku lokuzalwa kukaMandela utshele izihambeli nesizwe sonkana ukuthi akabuseki ubuholi bukaMengameli ngakho-ke uyamcela ukuthi akashenxe. Ugcizelela kulawa mazwi nje embungazweni obuhlelwe yiSave SA ne-Ahmed Kathrada Foundation abangabanye abahamba phambili ekungabuseki kobuholi bukaMengameli uZuma. UDkt uKhoza yize engaqali ukuphumela obala ngokungahambisani nobuholi bukaMengameli uZuma, kodwa ubengakaze alibeke ngembaba elokuthi akaphume uMengameli ngoba akanelisekile ngobuholi bakhe.

Leli lungu likhuluma kangaka nje kulandela impikiswano eyaphethwa iNkantolo YoMthethosisekelo enyangeni edlule phakathi kwamaqembu aphikisayo eholwa i-UDM kaBantu Holomisa kanye uSomlomo wePhalamende uMhlonishwa uBaleka Mbete ngevoti lokungabethembi ubuholi bukaMengameli uZuma. I-UDM yacela uSomlomo ukuthi ahlele ivoti eliyimfihlo ukuze namalungu e-ANC angabuseki ubuholi bukaMengameli uZuma avote ngokukhululeka, uSomlomo yena waphendula ngokuthi lesi sicelo kumele siphasiswe iPhalamende uqobo lwalo hhayi yena. Ngenxa yobuningi be-ANC ePhalamende, kwavunyelwana ngo ‘elethu’ ukuthi akube ivoti elisobala elizosetshenziswa ekuhloleni ukungabethembi ubuholi bukamengameli. Kodwa i-UDM yathi uSomlomo unamandla okunquma ukuthi yiluphi uhlobo lokuvota okumele lusetshenziswe ngakhoke yabi isiphikelela eNkantolo YoMthethosisekelo ukuthi iphoqe uSomlomo ukuthi avumele ivoti eliyimfihlo. Ngenxa yokwehlukana kwamandla nokulingana kwezinhlaka zikaHulumeni, iNkantolo YoMthethosisekelo yathola ukuthi unawo amandla okuhlela leli voti elifunayo i-UDM uSomlomo wePhalamende, kodwa yona njengeNkantolo ayikwazi ukumphoqelela noma imyalele ukuthi akagunyaze luphi uhlobo lokuvota.

Lapho kusalindwe khona impendulo kaSomlomo esinqumeni seNkantolo, kodwa amalungu anjengoDkt uKhoza, uMhlonishwa uHannekom, uMhlonishwa uRamatlhodi noMhlonishwa uGordhan sebekubeke kwacaca ukuthi abahambisani nobuholi bukaMengameli uZuma ngakhoke iyodwa indlela okulindelwe ukuthi bavote ngayo okhethweni lokungabethembi ubuholi bakhe. Okwenza anakeke uDkt uKhoza kwamanye amalungu angeneme ngobuholi bukamengameli ukuthi laba abanye baxoshwa nguMengameli njengoNgqongqoshe kuKhabhinethi lakhe, kanti uDkt uKhoza yena uvele wazisukela nje wabuhlaba wabuhlikiza ubuholi bukaMengameli ngaphandle kokubekwa engcupheni kwesikhundla sakhe sokuba ilungu lePhalamende njengozakwabo. Leli lungu beselithola ukwesatshiswa ngokusocongwa njengoba livezile ezinkundleni zokuxhumana liveza imiqhafazo esabisa ngokuthatha impilo yakhe. Abakwasidlodlo nabezokuvikela ePhalamende benze okuhloniphekile nokulungile ukuthi bethembisa ukulivikela leli lungu kwabasabisa ngokuthatha impilo yalo kanye neyendodakazi yalo. Abezindaba nabanye abahlaziyi balibeka njengeqhawe leli lungu, kodwa okwami ukuhlaziya kuthi leli lungu selizephuce zonke izizathu zokuthi imgcine i-ANC njengelungu layo. UDkt uKhoza uyiphoqile i-ANC yaKwaZulu Natal ukuthi inxenxe i-ANC kazwelonke ukuthi ilithathele izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe leli lungu.

Ngokusho kokhulumela i-ANC kulesi sifundazwe uMhlonishwa uMdumiseni Ntuli, uthi lokhu kuzikhukhumeza kwaleli lungu sekudinga ukufakelwa izibuko. Kanti nokhulumela i-ANC kuzwelonke uMhlonishwa uZizi Kodwa uwuphonsa uyawubamba umkhonto njengoba naye ekhala ngokungalawuleki kwaleli lungu yize ehluleka ukuthi kumele kwenzekeni ngalokho. UDkt Khoza uphuce i-ANC izizathu zokumgcina njengelungu layo ePhalamende ngokuthi uphikisane nomyalelo wenhlangano othi amalungu ayo engavoteli ukuketula uMengameli wayo evotini lasePhalamende. Njengoba leli lungu lingafihlile ukuthi lizovota kanjani, isigungu esiphezulu esithatha izinqumo ku-ANC esaziwa nge-NEC sanquma ukuthi amalungu ayo angavoti kanye namaqembu aphikisayo ekuketuleni ubuholi bukaMengameli uZuma. Kuphinde kube isigungu esiphuthumayo sale nhlangano iNational Working Committee sanquma okufanayo neNEC. Leli lungu liyephule yonke imigomo ebekwe inhlangano yalo okwenza kubenzima ukuthi livikeleke ngaphakathi enhlanganweni. Kwehlule noma esekhuzwa nguSotswebhu wakhe wasePhalamende uMhlonishwa uJackson Mthembu okuthi kuyakhathaza ukuziphatha kwakhe ngoba konke akutshela abezindaba akaze akuveza ngaphakathi enhlanganweni. UMhlonishwa uMthembu ungowokuqala kubaholi bale nhlangano ukuthi aveze ukungenami ngobuholi akazibala kubo naye, kodwa akakaze alibeka ngembaba elokuthi akashenxe uMengameli esabise nanokungamvikeli ePhalamende njengoSostshwebhu wenhlangano. Okumele kwazeke ukuthi amalungu ePhalamende aqokwa ngokuthanda kwezinhlangano zawo.

See Also

Abantu bavotela inhlangano abayithandayo ukuyinikeza igunya lokuqoka amalungu ePhalamende afika ePhalamende aqoke uMengameli. Inhlangano inalo ilungelo lokuhosha ilungu elibona ukuthi alisahambisani nemigomo yalo ngoba livele lisuke liqokwa emalungwini amaningi azinikele enhlanganweni. UDkt uKhoza njengoba esePhalamende ngokuthanda kwe-ANC, ngeke kwethusa uma ingase le nhlangano imhoshe njengelungu layo ngoba uvele uphikisana nomyalelo wenhlangano wokuthi amalungu ayo avote kanjani evotini lokungabethembi ubuholi bukaMengameli kanti uhambisana nezimfuno zamaqembu ayizimbangi njengoba kuyiwo asemukhankasweni wokuketula ubuholi bukaMengameli uZuma nobe-ANC yonkana. I-ANC ayinaso isizathu sokumgcina uDkt uKhoza njengelungu layo njengoba ehlulekile ukulandela izimiso zayo le nhlangano.

  • UMnu uNtobeko Shozi ongumfundi wezePolitiki e-UKZN.
Scroll To Top