Now Reading
IBhelekazi alifuni ukuzifakela ingcindezi yokunqoba iComrades Marathon
Dark Light

IBhelekazi alifuni ukuzifakela ingcindezi yokunqoba iComrades Marathon

Akafuni ukuzifakela ingcindezi yokunqoba iComrades Marathon umsubathi weXcel Running Club ovutha engabaselwe uJennet Mbhele.

Ngonyaka odlule intokazi yakwaMbhele iqede iComrades nabasubathi abayishumi bokuqala. Muva nje isanda kudla umhlanganiso kuJoseph Shabalala Marathon ebibanjelwe eMnambithi.

Ixoxa nelaboHlanga, le ntokazi edabuka eMzimkhulu ikubeke kwacaca ukuthi ayizimisele ukuzifakela ingcindezi yokudla ubhedu kuComrades.

“Ngiyafisa nami ngemuva kweminyaka emithathu ukuba ngumpetha weComrades Marathon hhayi okwamanje ngoba ngiqale ukuyigjjima ngonyaka odlule. Uma ngingalimalanga isifiso sami wukuthi ngiphinde ngibalwe nabasubathi abayishumi bokuqala. Indaba yokuqeda ngibalwa nabasubathi abayishumi bokuqala angifuni ukuyifaka kakhulu emqondweni wami. Ngizosebenza kanzima njengejwayelo. Okunye nokunye kuzozenzakalela,” kuchaza le ntokazi.

Lo msubathi oneminyaka engamashumi amathathu ufike ngamawala kwezokusubatha kwabesifazane.

Ngonyaka odlule ufakwe ohlwini lwabagijimi abebemele iNingizimu Afrika kuWorld Championship ebibanjelwe eHyderabad kwelaseNdiya.

Ukwenza kahle kwale ntokazi sekwenze yathola abaxhasi abayigqokisayo bakwa-Under Armour.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola uxhaso ngemuva kweminyaka ngaqala ukugijima. Ngiqale ukugijima ngowezi-2012 kodwa sonke lesi sikhathi begijima ngaphandle kwabaxhasi. Bengizibuza nami ukuthi kanti yini okumele ngiyenze ukuze ngithole uxhaso ngoba ngiyazigijima izikhathi ezinhle njengabanye abasubathi abanabaxhasi kodwa abaxhasi abasondeli. Unyaka ophelile nje ungilethele izibusiso. Ngijabule kakhulu,” kuqhuba intokazi yaseMabheleni oqede endaweni yeshumi kuComrades Marathon ngonyaka odlule.

See Also

Le ntokazi iphinde yavula unyaka ngenothi eliphezulu idla ubhedu kuJoseph Shabalala emavikini adlule.

“Ngizizwe ngijabule kakhulu ngokunqoba umjaho omkhulu njengalo. Sisebenze kanzima kakhulu nomqeqeshi wami uThami Khuboni ngoZibandlela lapho besibambe khona ikhempu. Konke ebesikwenza kwenzekile nezinto zahamba ngendlela. Ukubekezela nokusebenza kanzima ejimini kuthele izithelo.” kulandisa uMbhele.

Njengamanje ayikakasathathi isinqumo sokuthi izoyingenela yini iTwo Oceans Marathon ebanjelwa eKapa ngempelasonto yePhakisa.

“Ngifuna ukubonga umqeqeshi wami uThami Khuboni. Namuhla kunjenjenje kungenxa yakhe. Sisuka kude naye. Wangiqala kancane engifaka emjahweni efana noSpar Ladies. Bengilokhu ngidlondlobala ngaze ngafika kuleli zinga engikulona njengamanje.” kuphetha iBhelekazi.

Scroll To Top