Now Reading
UMphakathi ufuna ukushintsha izinto kuSoweto Marathon ngeSonto
Dark Light

UMphakathi ufuna ukushintsha izinto kuSoweto Marathon ngeSonto

KUBHEKWE abasubathi bakuleli emjahweni wakulo nyaka i-Old Mutual Soweto Marathon ozokuba ngeSonto esifundazweni iGauteng.

Ngonyaka odlule lo mjaho wawinwa umgijimi waseLesotho uTshepo Mathibela kwabesilisa ngesikhathi esingamahora amabili nemizuzwana eli-19, indawo yesibili yathathwa uSintayehu Legese Yineso, uNtsindiso Mphakathi walala indawo yesithathu.

Umsubathi wakuleli wesifazane u-Irvette van Zyl waqopha umlando ngokuba ngowokuqala wakuleli kwabesifazane ukunqoba emuva kweminyaka eyisishiyagalombili ulokhu unqontshwa abasubathi bangaphandle. Owayegcine ukuqoba lo mjaho kwakunguRené Kalmer.

Irekhodi labesilisa bakuleli alilihle ekunqobeni lo mjaho njengoba uMathibela wayekade ephule irekhodi likaSintayehu Legese Yinesu wase-Ethiopia okwase kuyihlandla lesine enqoba lo mjaho.

Kulokhu kubhekwe kakhulu uNtsindiso Mphakathi ukuba enze kahle esikhathini sakhe njengoba ngonyaka odlule wagijima isikhathi esingamahora amabili nemizuzu engama-21.

UMphakathi oneminyaka yobudala engama-28 ongowokuzalwa ePort St Johns e-Eastern Cape uthi usewulungisele kahle lo mjaho. Lo msubathi usewujwayele lo mjaho futhi kuyabonakala ukuthi nesikhathi asigijimayo uya ngokusishintsha.

See Also

Ngomjaho wangowezi-2014 wangena endaweni yesishiyagalolunye kodwa waqopha umlando ngokuba ngowokuqala wakuleli.

Uthi usewugijime kakhulu lo mjaho manje usefuna ukuwunqoba. “Ngifuna ukwenza kangcono kunonyaka odlule. Ngifi sa nokwenza ngcono isikhathi sami ngoba ngasala ngemizuzu emibili nje vo kowanqoba umjaho. Kuze kube yimanje ngijabule ngendlela engiziqeqeshe ngayo,” kugcizelela le nsizwa okungabuzwa ukuthi ikulambele ukunqoba ngesonto.

Akalona ivukana kwezokusubatha njengeba esenqobe iHarry Gwala Marathon neNelson Mandela Half Marathon, kodwa lokho uthi akakubekile emqondweni njengoba ngesonto ezoqhudelana nabasubathi abanamava.

Scroll To Top