OwePirates ulangazelele ukubuyela e-Afrika nokuvikela eseNedbank Cup


Ufuna ukubuyela emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (Caf) umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ohlose ukuvikela isicoco seNedbank Cup.
EZimnyama ziphume zisuka amagqozo kuCaf Champions League. Ziwashiswe ijezi yiJwaneng Galaxy yaseBotswana emzuliswaneni wesibili womqhudelwano.
IPirates izibekisele indawo kulo mqhudelwano ngemuva kokuqeda endaweni yesibili ku-log ngesizini edlule. Ijoyine iSundowns kuChampions League kwathi iSekhukhune United neSuperSport United bayomela iNingizimu Afrika kuCaf Confederation Cup.
“Igebe phakathi kwethu neqembu eliphezulu likhulu kakhulu. Noma kunjalo kodwa kumele siqhubeke silwe. Sifuna ukubuyela emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo. Lokho nje akubuzwa. Into efana naleyo singayenza ngokuqeda sinabalwa namaqembu amathathu okokuqala noma ukunqoba isicoco (Nedbank Cup). Yithina esivikela isicoco (Nedbank Cup). Umqhudelwano engiwuthandayo,” kubeka uRiveiro ngesizotha.
Ngesizini edlule eZimnyama ziqumbe phansi iSekhukhune ngama-2/1 kowamanqamu weNedbank Cup eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
“Ngingathanda ukwazi sidlala nobani. Sizozilungiselela ngendlela. Sesiyazi ukuthi kumele silindeleni kulo mqhudelwano ngoba sidlalile namaqembu afana noDondol Stars, All Stars noVenda Football Club. Kuhlale kunzima ukudlala namaqembu angaziwa,” kuchaza uRiveiro.
IPirates ivele isinaso isicoco kule sizini. Ekuqaleni kwesizini iphakamise eseMTN8 kulandela ukuthela othulini i-Mamelodi Sundowns sekukhahlelwa amaphenathi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IBhakaniya isele ngamaphuzu ayishumi nantathu kuMamelodi Sundowns eqhwakele esicongweni.