Izikole ziyaqhubeka nokuba yikwadlula wafa: Sadtu


Izigameko ezimbili zokuhlaselwa kothisha ngabafundi ezikoleni ezihlukene ngesikhathi kusetshiswa izibalo zobugebengu ezishaqisayo ezweni kuholele ekutheni inyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu), iphinde yahlaba ikhwelo layo lokuba uHulumeni angenelele ekuqiniseni ezokuphepha ezikoleni.
Ngesonto eledlule uNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele ukhiphe izibalo zobugebengu ezisukela mhla lulunye kuMfumfu wezi-2023 kuya zingama-31 kuZibandlela wezi-2023. Izibalo zokubulawa kwabantu yizo ezibonakale zinyusa izinhlonzi.
Bayizi-7 710 abantu okuthiwa babulewe ngalesi sikhathi. NgokukaCele lesi sibalo sehlile uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngeminyaka edlule. ISadtu iphawula nje kulandela isigameko sokudutshulwa kukathisha ngumfundi oneminyaka eli-13 esikoleni samabanga aphansi iPrimrose e-East Rand eGoli kusabatshazwa lesi sehlakalo kuphinde kwahlaselwa uthisha ngumfundi esikoleni samabanga aphezulu eLimpopo.
ISadtu ithi ikhathazekile ngokuqhubeka kwezehlakalo ezifuze lezi ezikoleni. Umxhumanisi kule nyunyana uNks uNomusa Cembi uthe, ukuphepha sebeyakufunga ezikoleni zakuleli. “Sibona lezi zigameko zikhula ngesivinini okwenza kube nzima ukuzinqanda. Abafundi bahlasela othisha, nabafundi bahlaselana bodwa siyakugcizelela ukuthi kuqiniswe ukuphepha ezikoleni”. ElaboHlanga lizame kaningi ukuthola iSadtu ukuba yenabe kabanzi ngalokhu kodwa yonke imizamo yaphunza ngenxa yokuthi ucingo belungabanjwa.
Esigamekweni sasePrimrose Primary umfundi kuthiwa ubuyiselwe ekhaya ngoba kuthiwa kumele afike nomzali wakhe esikoleni. Esikhundleni salokho lo mfundi kuthiwa uqonde lapho kuhlala khona isibhamu waqonda esikoleni wadubula uSekela Thishanhloko esiswini. Uthisha uphuthunyiswe esibhedlela isimo sisibi. Esikoleni sasemakhaya eLimpopo kwembulwa kwembeswa kuthisha ohlahlelwe umfundi ngesikhali esicijile ekhanda.
UMphathiswa Wezemfundo eGauteng uMnu Matema Chiloane namuhla ovakashele isikole iPrimrose Primary uthe othisha nabafundi basathuka izanya ngoba akekho obelindele lokhu kwazise isikole samabanga aphansi. Uthe bazofaka ingcindezi yokuba uyise womfundi ongumnikazi wesibhamu athole isigwebo esiqinile ngobudedengu. Ngesikhathi uMphathiswa elapha ukufunda bekusamisiwe njengoba othisha nabafundi besalulekwa ngokwengqondo.