Ingozi: ISihlalo odakeni lwepolitiki yamaqembu eMkhandlwini iZululand



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
• Amaqembu abangayo azisikela kwelinonile • Lo mdlalo oyingozi ungaba nomthelela
Sekukhona ukukhathazeka ngokucija kwemikhonto kuMasipala iZululand. Lokhu kukhathazeka kugqame kakhulu ngesikhathi kukhona ukuthelana ngodaka phakathi kweMeya uMfundisi uThulasizwe Buthelezi kanye nalabo abamsola ngenkohlakalo. Yize lezi zinsolo nomdonsiswano kade kwaqala kepha okwakamuva kuvuse izinhlonzi njengoba sekufaka neSihlalo.
Ngesonto eledlule kusizindalwebu soMkhandlu kuvele isikhangisi ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Yekani ISILO’. Kuso bekubhalwe kwathiwa: “Sixwayisa abantu basoLundi ngemashi ehlelwe i-ANC Youth League. Babhikishela ukuthi abasifuni ISILO uMisuzulu kaZwelithini. Abahleli balo mbhikisho uSanele Kunene noLindokuhle Xulu. Asiphumeni Zulu siyovikela ISILO sethu…” Lesi simemezelo sabe sikhuluma ngemashi eyayihlelelwe uMsombuluko esiphuma kuwo zingama-28 kuNdasa. Abahleli bayo babethi bamashela ukulwa nenkohlakalo abathi iMeya uButhelezi ingubhongoza kuyo.
Okube sobala kulo mzuliswano wakamuva wukungena kweSihlalo negama leSILO entweni ebonakala njengepolitiki yamaqembu nokuthinta Inkatha Freedom Party (IFP) ne- African National Congress (ANC) eZululand naKwaZulu-Natal. Lokhu kwenzeka ngesikhathi kuvele kukhona ukuklolodelana kwabanye kula maqembu mayelana nombango okhona eNdlunkulu. Emasontweni edlule uNdunankulu wesifundazwe uMnu uZikalala uke waba ngaphansi kwengcindezi kulabo ababebuka ngokuthi uvimba’ukwamukelwa kweSILO esisha. Lezi zinsolo zabe sezichaphazela neqembu lakhe njengoba uHulumeni awuholayo ungowe-ANC. Okwabuye kwabafaka ingcindezi wukuthi belandela umthetho banquma ukuba njengoHulumeni bangaxhasi nowodwa uMkhosi kaZulu. Ukubonakala kwesithombe se-ANC engahambisani neSILO esisha kubukwe yileli qembu njengezinye zezinto ezilikhinyabeze kakhulu okhethweni lakwamuva loHulumeni Bendawo nayilapho uKhongolose ulahlekelwe kakhulu.
Ezinsolweni zokuthi bamelene nokwamukelwa kweSILO, uKhuzeni noHulumeni wakhe bazichitha njengamampunge njengoba balibeka elokuthi ukwamukelwa kweSILO akweluswe yibo kepha kweluswe yiHhovisi likaMengameli wezwe uRamaphosa ngokulawulwa ngumthetho. Ngakolunye uhlangothi abe-IFP bona njengeqembu besebenzisa omasipala babo bathatha isinqumo sokuba baseke yonke imisebenzi yaseNdlunkulu eyabe ingasaxhaswa nguHulumeni wesifundazwe ngoba ethi kunombango. Ukuxhasa komasipala be-IFP kugqame kakhulu ngesikhathi kunomgubho wesikhumbuzo sempi yaseSandlwana nonyaka lapho cishe bonke omasipala abangaphansi kwe-IFP babebambe iqhaza.
Zonke zisika kwelinonileyo
Akuqali ukuba umdonsiswano phakathi komkhandlu oholwa yi-IFP kanye noHulumeni wesifundazwe oholwa yi-ANC ufake phakathi iSihlalo noseSihlalweni. Ezinyangeni ezedlule iMeya uButhelezi udedele udalimede ngesikhathi enqumela ugwayi katiki iHhovisi likaNdunankulu uZikalala. Lapha iMeya yaveza ukuthi iHhovisi likaNdunankulu okuyilo elibheke izindaba zeNdlunkulu likweleta uMkhandlu imali ebalelwa ezigidini eziyisi-R6.6 ngamanzi aya eZigodlweni. Lokhu kukhuluma kwachithwa yiHhovisi likaNdunankulu neyasola uButhelezi neqembu lakhe “ngokusebenzisa igama leSILO neNdlunkulu budedengu”. Ekhuluma emhlanganweni weqembu obizwa ngeProvincial Executive Committee (PEC) Lekgotla ngonyaka owedlule uKhuzeni egqoke isigqoko sokuba nguSihlalo weqembu wakhwela wadilika ku-IFP ngodaba lwaseNdlunkulu esola uMntwana waKwaPhindangene ngakubiza ngokusebenzisa iNdlunkulu ukuqhuba izinhloso zepolitiki yeqembu.
“Sikubonile ukuvuka kabusha kwe-IFP okhukhweni lokufa kwezepolitiki ngokusebenzisa budlabha uBukhosi bukaZulu ezweni lonke. I-IFP isiguqule eminye yemihlomulo yomzabalazo esayenza sakha isifundazwe esingenabo ubuhlanga lobu [i-IFP] isibusebenzisa ukuba yizithandwa nokuhungula imiqondo yabantu,”
Ngonyaka owedlule okhulumela Inkatha, uMnu uHlengwa wakhwela wadilika kuKhongolose ewusola ngokwenzela phansi iSihlalo neSILO. “Siyaqaphela ukuthi babeke iziphakamiso ekomitini lemithetho leSishayamthetho saKwaZulu-Natal ukuba kuqedwe inhlonipholuhide ehlonipha ISILO nokuthi baqede usuku