Izingane nomthelela wesiko-nkolo nemikhuba
Zonke ingane uma ifika emhlabeni ifikela phezu kohlelo oluthile lomndeni. Lolu hlelo lubizwa ngamagama ehlukene, kukhona abathi yisiko kube khona abathi yinkolo.
Kukho konke lokhu ingane kayizikhetheli ngoba isuke isencane ingakabi namandla omqondo okuthatha izinqumo. Lokhu kwedlulela ngisho endleleni ingane leyo egqoka ngayo, nalapha ayizikhetheli kepha kuba ngabadala ababa negama lokugcina. Ngalesi sikhathi ingane yenziwa noma yini umzali akholwa noma azi ukuthi ilungile noma kumele yenziwe kuyo.
Abanye bazenza amasiko alapha ekhaya, basikwe lapha ebusweni abanye banqunywe ucikicane kulandelwa usiko lwalapha ekhaya. Bakhona nabahanjiswa izinkolo ‘ngenkani’ bengakaze bazikhethele. Kulezi zinkolo bayabhabhadiswa noma bahambe usonto skole. Konke lokhu kwenziwa ngenhloso yokukhulisa ingane ngendlela ethile.
Iqiniso lithi isiko-nkolo liyayakha ingane. Ekuyakheni liyikhulisa ngokomqondo kanti futhi kwakha isimo mqondo sokuzazi. Buningi ubufakazi obuveza ukuthi kuzo zonke izinkolo namasiko kukhona izifundo ezimqoka ngempilo nezingakha ingane. Okunye okuliqiniso wukuthi ngale kosiko-nkolo kukhona nemikhuba.
Imikhuba ingane iyifunda ngokubona kuthi ngoba iyingane bese ikufaka kube yinto elungile nokuyingozi. Isibonelo uma abazali behlala ngokuthethisana nokukhulumela phezulu, ingane ifaka lowo mkhuba emqondweni ithathe ngokuthi leyo yindlela yokuphila.
Ukwahluka kwamasiko, izinkolo kwenye inkathi nokwenza kwabazali kuyaba nomthelela enganeni . Isibonelo ongoti bayavumelana ukuthi indlela ingane eqondiswa ngayo uma yonile noma yenze iphutha kuyaba nomthelela kuyo. Abanye abazali kwezinye izinkolo namasiko uma bekhuza bayathetha, kanti abanye bakhulumela phansi. Abanye bayithi thwi ngoswazi bese ugwemeka kanti abanye bayayiyeka-nje. Konke lokhu kuyaba nomthelela omuhle nomubi enganeni. Ikhona ngenxa yoswazi egcina ingasa lunganga engqodweni inokwesaba . Kube khona ngenxa yokungakhuzwa ize yenze izinto ezihunyuswa ngokuthi iyadelela.
Iqhaza lomzali likhulu
Abazali bamqoka ekuniseleni konke lokhu. Umzali angafundisa ingane okuhle ngamasiko nenkolo noma ayifundise imikhuba engaba yingozi kuyo ekukhuleni kwayo. Iqhaza lomzali likhulu ingane ivela libuye libe likhulu uma isihamba isikole samabanga aphansi ngoba lapho isuke isiyohlangana nezinye izingane nazo eziqhamuka emakhaya ehlukene lapho kunamasiko nezinkolo ezahlukene – kuze kube khona nemikhuba. Lokhu kusho ukuthi abazali nabo bayakudinga ukufundiseka uma kufika kumasiko nezinkolo ezahlukene.
Lapha enkolweni nakulo isiko kunolimi olusetsheziswa ngabazali nolwedlulela enganeni. Lapha asikhulumi nje kuphela ngesingisi nesiZulu kepha nangendlela ulimi lolu olusetshenziswa ngalo. Ingane ongoti bathi uma isencane isethubeni elihle lokufunda ngezilimi ezahlukene nezithatha kubazali. Kanti nolimi olungeluhle oluvela kubazali noma amalungu omndeni luyedlulela enganeni yikho kumqoka ukuqaphela.
Njengoba isiZulu sisho ukuthi ingane iyakhiwa, ekwenzeni njalo kuhle siyikhulise ngendlela yokuqonda ukuthi lapha emhlabeni kayiphili yodwa kepha kukhona nezinye izingane ezinamasiko nezinkolo ezahlukene. Ngamafuphi abazali kuhle baqonde ukuthi ekukhuliseni ingane bakha isakhamuzi somhlaba, basihlelembela ukuba kusasa sikwazi ukuphila nabanye abantu.
Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com