Now Reading
Icansi ungalakha kanjani ngamaphepha?
Dark Light

Icansi ungalakha kanjani ngamaphepha?

Nakhu ozokudinga:
– Amakhasimbaxa ali-12 kamagazine
– Sticky tape Isinamathelisi ithephu

Goqa ikhasimbaxa libe uhhafu ngobude balo. Phinda uligoqe libe yizingxenye ezimbili ezilinganayo ukwenze kube yisicaba eside esiwusweswe. Goqa futhi amakhasimbaxa ali-11 ngendlela efanayo. Thatha imisweswe eyisithupha ihlangane kahle ngamacala ayo. Wahlanganise ngethephu enamathelayo. Manje thungela eminye imisweswe ngaphansi nangaphezulu kwalena ehlanganisiwe. Okokuqala, okwesithathu nokwesihlanu kufanele kube ngaphansi. Okwesibili, okwesine nokwesithupha kufanele kube ngaphansi nangaphezulu.

Uma usuqedile ukuthunga hlola ukuthi imigqa ithungelwe kahle ngokulinganayo ngaphandle kokushiya izikhala.

See Also

Goqela konke okulengayo ngemuva lecansi bese ukunamathisela ngethephu.

Scroll To Top