Now Reading
UMaiko uyinxusa lomculo weReggae eLusaka
Dark Light

UMaiko uyinxusa lomculo weReggae eLusaka

Uma kukhulunywa ngamaciko akwazile ukuhlanganisa ngomculo izigidi zabantu esifundeni esise-Afrika eseningizimi alisali ngaphandle igama likaMaiko Zulu. Lo mculi weReggae udabuka eLusaka eZambia, kanti usehambele amazwe amaningi esabalalisa umculo wakhe ekhuluma nangephupho lokubona i-Afrika eyimbumba.

Ngaphandle kokuba ngumculi, ungumdidiyeli, umqambi wezingoma aphinde abe yinxusa lezinhlangano ezilwela amalungelo abantu kuleliya lizwe  nasemhlabeni. Uqale ukukhombisa uthando lomculo eneminyaka eyisithupha ngesikhathi umndeni wakhe uhlala epulazini eLusaka. Esadlondlobala emculweni wayaziwa ngelikaSt. Michael okuthe ngokuhamba kwesikhathi waliguqula waba nguMaiko. 

Ekhuluma nephephandaba iTimes of Lusaka eminyakeni edlule wathi okwenza waguqula igama yingoba wayefuna ukuzizwa engum-Afrika ngokugcwele. Ezinye zezingoma zakhe ezashisa izikhotha ezisadlalwa nanamuhla kukhona iVampire Church, iSijesi, iWho’s in Charge nethi Mad President. 

Iziteshi zomsakazo ezingaphansi kukaHulumeni nethelevishini yombuso banqaba ukudlala le ngoma kaMaiko ngoba wayehlaba ehlikiza umengameli ngokungakhathalelwa kwamalungelo abantu ezweni. Okunye okwamdalela isigcwagcwa kuHulumeni naseziteshini zemisakazo ngale ngoma umusho othi, “ngizolihuqa igudu ngisho phakathi ePhalamende, anginandaba nabantu emalokishini nasemijondolo ngoba angihlali lapho”. 

See Also

Usehlonishwe ngemiklomelo eminingi kusuka kumaCora Music Awards lapho aqokwa khona njengomculi ovelele nakumaKwacha Music Awards wakhala wemuka nomklomelo iBest Humanitarian. Ukunengeka kukaHulumeni kwaholela ekutheni uZulu aboshwe ngokungayihloniphi imithetho yezwe emayelana nomthunzi wezinkukhu. Wagwetshwa izinyanga eziyisithupha ezophinde asebenze kanzima emphakathini, kodwa isigwebo sakhe salengiswa unyaka. wayebanjwe nezijumbane ezinhlanu zezilophu eziyisisindo esili-17g.

Inkantolo yamdonsa ngendlela ukuthi angalokothi atholwe esecaleni elifanayo lensangu ngoba isigwebo sakhe siyophindwaphindwa. Phezu kwalesi sigwebo uZulu akazange ayeke ukubhema igudu ngoba ethi kuyingxenye yenkolelo yakhe yobuRasta.

Scroll To Top