Now Reading
Kubungazwa ubunzulu bobuciko be-Afrika
Dark Light

Kubungazwa ubunzulu bobuciko be-Afrika

ITHE chithi saka imigubho eyahlukahlukene njengoba kugujwa inyanga yokuzigqaja ngobu-Afrika (Africa Month).

Omunye wemicimbi okhombisa ukudlondlobala nowenzeka okwesithathu nonyaka ngobizwa nge-Africa Motherland Festival (AMF) owasungulwa yisikhungo sezobuciko esizinze kwelinye lamalokishi anomlando omude kuleli uMashu (B 25 Giya Road).

Lesi sikhungo esibizwa ngeKhaya Multi Arts Centre sasungungulwa nguqweqwe lo mbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi uMnu Edmund Mhlongo osekhiqize inqwaba yemidlalo nabalingisi abaziwa kuleli nasemhlabeni jikelele. Lesi sikhungo sikaMhlongo esaziwa kakhulu ngokuthuthukisa amaciko nobuciko emazingeni ahlukene sisungulwe ngoMandulo 30 ka-2003.

Lo mcimbi we-AMF uzothatha izinsuku ezine kusukela mhlaka-22 kuNhlaba kuze kube umhlaka-25 nokuhloswe ukuthi njalo ngoNhlaba kubungazwe umcebo wengqikithi yomlando  nobunzulu bobuciko be-Afrika. Ngale kwakho konke,  enye inhloso ngqangi wukukhumbuza isizwe ukuthi umlando wobuntu usuka lapha e-Afrika kanti nempucuzeko yaqalwa khona lapha e-Afrika.

I-AMF ikhumbuza isizwe, ikakhulu intsha nokuyiyo eyikusasa lethu ngempucuzeko enkulu yase-Ethiopia (Axum), Ashanti yase-Ghana, eyase-Gibhithe, Timbuktu (Mali) ne Monomotapa (Zimbabwe) ngokunjalo neyaseNingizimu ye-Afrika.

I-AMF ibungazwa ngokutshengiswa kwamafilimu akhumbuza aboHlanga ngemvelaphi yabo, imibukiso yobuntu, izinkondlo zokuziqhayisa nge-Afrika, imidlalo yeshashalazi, umdanso kanye nomculo womnsinsi kwelengabadi.

Zimi kanje izinhlelo ze-AMF:

NgoLwesihlanu mhlaka-22:

Lo mcimbi uzovulwa ngelesithupha kusihlwa ngefilimu eqhakambisa ukuceba kwe-Afrika nefakazisa ukuthi okuningi esikubona emazweni aseNtshonalanga kudabuka la ngakithi. Lapha kubalwa izinto ezifana nomcebo wobuciko owantshontshwa lapha e-Afrika. Le filimu ewumhlabahloso noju lwe-Afrika ibizwa nge-‘Africa Hidden Colours’ –The Untold History of People of African Descent.

See Also

NgoMgqibelo mhlaka 23

Kusukela ngele-12 emini bebade kuzoboniswa ifilimu esihloko sithi ‘Motherland’ nengomlando we-Afrika. Wonke ohambela lesi sikhungo uyazi ukuthi sidume kakhulu ngemidlalo yeshashalazi ngakho-ke kakumangazi ukuthi ngosuku olufanayo kuzotshengiswa umdlalo weshashalazi obizwa iSponono. Konke lokhu kuhambisana nomongo othi Kudala Emandulo.

NgeSonto mhlaka 24 kuzoqhubeka

Izinhlelo zokukhonjiswa kwefilimu i-‘Motherland’ bese kuthi ntambama kuvalwe ngomdlalo weshashalazi i-The Carrier.

UMsombuluko mhlaka-25

Wusuku olwaziwa nge-Afrka Day nolubungazwa ngamazwe amaningi e-Afrika. Njengengxenye yezinhlelo ze-AMF kuzogqama lapha umculo wakwelengabadi. Phambili ziholwa yingqwele kamasikandi uPhuzekhemisi ephelezelana nabanye abaculi iningi labo elizinze ehostela KwaMashu, omama besiGekle baseNdwedwe, ama-Burundi Drummers nabanye abasina ingoma. Izinhlelo zangoMsombuluko ziqala ngeleshumi nambili emini kuze kuyolamula elesihlanu kanti wamukelekile ukushaya ku-031 5046970 ngeminye imininingwane etholakala kuPhindile Gwala khona Ekhaya Multi Arts Centre.

Scroll To Top