Now Reading
USeptember nozakwabo bathembisa ukwenza okuhlukile kwiChippa United
Dark Light

USeptember nozakwabo bathembisa ukwenza okuhlukile kwiChippa United

UThabo September osanda kuqashwa njengomqeqeshi weChippa United, uthe uyazi ukuthi ikuphi okumele bekwenze yena nozakwabo abazobambisana naye uKwanele Kopo. 

Labaqeqeshi bathulwe iChippa United ngoLwesibili, bathathe izintambo kuMorgan Mammila osezoba ngumqondisi. 

IChippa idume kambi ngokungabi nasineke uma kuziwa kubaqeqeshi, okufakazela lokho cishe eminyakeni eli-10 isiqashe abaqeqeshi abangaphezulu kwabangama-20 abanye behambe bephinde bebuye. 

USeptember uthe uyazi ukuthi uma ikuphika imiphumela kuleli qembu uyaxoshwa noma kuthiwa unesikhathi esingakanani ufikile. Yena noKopo bazoba nesikhathi esanele sokufunda abadlali babo njengoba imidlalo yeDStv Premiership isekhefini ngenxa yokuthi kune-Afcon eqala ngoMgqibelo. 

See Also

Kuzoba okokuqala ezoqeqesha iqembu uSeptember oneziqu zika-Caf B, ngesizini edlule unqobe iligi yeDStv Diski Challenge (DDC) neSupersport United. 

“Ukhona umbuzo ozothi ngabe ngabe ngikulungele yini ukuqeqesha iqembu elikhulu, impendulo yalokho ithi angazi noma ngangikulungele yini ukuba ngukaputeni weSuperSport. Angazi noma ngangikulungele yini ukuba umqeqeshi weDDC kuSuperSport United. Ngamafuphi ngiqonde ukuthi nokuqeqesha iChippa kuzobonakala ngendlela ukuthi ngikulungele yini,” kusho uSeptember. 

Scroll To Top