UJordaan udla amazambane ashisayo ngeyamabhonasi eBafana
Ungene ezintangeni uMengameli weSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordaan uma ebuzwa ngendaba yamabhonasi azotholwa ngabadlali beBafana Bafana.
INingizimu Afrika yenze ezibukwayo ku-Africa Cup of Nations (Afcon). Iqede endaweni yesithathu yabuya nendondo yethusi.
Iguqise iDRC Congo nga-4/2 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni ophelele zibambene ngeqanda eStade Bouake kwelase-Ivory Coast.
Namuhla ekuseni iBafana yamukeliswe okwamaqhawe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eGoli.
Izinkumbi zabathandi bezemidlalo zithuthuleke esikhumulweni sezindiza ukuzokwamukela iBafana kulandela ukwenza kahle ku-Afcon.
Besekuphele iminyaka engamashumi amabili nane iBafana yagcina ukuqeda endaweni yesithathu ku-Afcon.
Esingathamini nabezindaba uJordaan ubuzwe ngendaba yamabhonasi wavele wadla amazambane ashisayo.
“Asazi ukuthi abadlali bazohlukaniselana namalini noma bazohlomula ngamalini. Ake silinde iCaf. Umqhudelwano uphele izolo lokho kodwa senifuna izimpendulo (ngamabhonasi) khona manje. ICaf izositshela uma isihlanganise kahle izinto zayo,” kubhidilisha uJordaan.
Kuthe kusenjalo kwangenelela ukaputeni weBafana uRonwen Williams.
“Abadlali bayazi (ukuthi bazothola malini). Siyazi ukuthi imihlomulo yethu izohamba kanjani,” kushaya uWilliams ngamafuphi.
IBafana izothola izigidi ezingama-R41 ngokuqeda endaweni yesithathu.
“Abadlali bayazi okwavunyelwana ngakho. Ngicela nibuze bona ngendaba yamabhonasi,” kubeka uJordaan obekucaca ukuthi uyamhila umbuzo.
Ecelwa ukuthi angadaluli isamba kodwa amemezele iphesenti uphendule kanje:
“Leyo into okumele siyibhunge nabadlali bese siyayiqeda nabadlali. Konke kuzobe sekulele kubona ukuthi bayanitshela noma cha ukuthi imihlomulo yabo izohamba kanjani. Imali yami. Imihlomulo yabo. Bazothatha isinqumo sokuthi bayafuna ukuyidalula emphakathini noma cha. Nakanjani kukhona abazokuthola. Abakwenzile kumele kuhlonyuliswe. Lokho akubuzwa.”