Isaqaqamba inhliziyo kaTinkler ngokuphucwa iqatha emlonyeni koweligi
Isagaya izibozi inhliziyo yomqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler ngokuphucwa iqatha emlonyeni yiSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership obuseCape Town Stadium, eKapa ngoLwesithathu ebusuku.
ICitizens iyeke ingqayizivele yethuba lokunciphisa igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns esesicongweni kuDSTV Premiership.
ULyle Lakay nguyena ophule izinhliziyo zeCity seliyozilahla konina. Ungene esuka ebhentshini wafika wabhakuzisa enethini i-free kick ngomzuzu wama-95.
Iqembu lasekhaya bese lizitshela ukuthi seliqedile ngemuva kokuthi uKhanyisa Mayo elibeke phambili ngomzuzu wama-54.
ICity isayibambe endaweni yesibili kulogi ngamaphuzu angama-31 ngemuva kwemidlalo eyishumi nesishiyagalombili. Iyalingana neSuperSport United ehlezi endaweni yesithathu. La maqembu amabili ahlukaniswe ngumehluko wamagoli.
Ngemuva komdlalo, uTinkler usale ebalisa ngendlela abadedele ngayo amaphuzu amathathu sebewabambe ngezandla zombili.
“Kuyadumaza ukungenelwa yigoli ngomzuzu wokugcina. Okuphinde kucike kakhulu wukuthi igoli labo kube yiFree Kick. Sonke siyazi ukuthi amaFree Kick, amakhona namabhola amade yinto abadla ngayo njengeqembu. Ekugcineni bagcine bezitholele iphuzu engingangabazi ukuthi balijabulele,” kubeka uTinkler.
ICitizens ngabe isele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye ukube ikwazile ukunqoba ngoLwesithathu.
“Ukudedela igoli umdlalo usuyophela angifuni ukuqamba amanga kuyayiphula inhliziyo. Namanje isaphukile. Iphuke ngempela futhi. Besingekho isidingo sokuphisana nge-free kick kuleya ndawo nangalesa sikhathi somdlalo. Uma ubanika i-free kick kuleya ndawo ubabeka ethubeni elingcono lokuthola igoli. Umdlali uya ekhoneni asikho isidingo sokumdlalisa kabi. Okwakho nje ukumelusa. Kunalokho umdlalisa kabi uyaphinda uyahluleka wukuvala emuva. Ekugcineni sithola iphuzu elilodwa. Ngokwamami silahle amaphuzu amahlanu,” kuqhuba uTinkler.
ICity ithwele kanzima kwazise iSundowns isasele emuva ngemidlalo emibili.
“Ngesiwombe sokuqala sihlulekile wukuthola umgqigqo. Ngaphambi komdlalo ngikhulume ngobumqoka bokuphatha umdlalo. Nokho sihlulekile. Silahlekelwe ngamabhola kalula. Indlela esidlale ngayo asizange sikhombise ukuthi siyiqembu elihlezi endaweni yesibili kulogi. Bengingajabule neze ngesikhathi sekhefu.” kuvala uTinkler.