Aphikisayo akhiphe amangwevu athela elibusayo ngoyaba
Yize isikhala se-Economic Freedom Fighters (EFF) besigqamile ngesikhathi sosuku lokuqala lenkulumompikiswano kumalungu ePhalamende eCity Hall eKapa, amanye amaqembu aphikisayo abonakale ekhipha amangwevu avamise ukuqhamuka ngakuMnu uJulius Malema.
Ngaphambi kokuvulwa kwenkundla bekunokuphawula obekuthi kuzoba ubuthebelele eqenjini elibusayo ngoba uMalema nezakhe bengabonwa. Nokho akuyanga njengoba abanye abahlaziyi bebeqagulile. Isivuthevuthe samalungu eDemocratic Alliance (DA), neFreedom Front Plus kungenzeka yini ukuthi yiso esiholele ekutheni ilungu likaKhongolose eliyiSekela Sihlalo Womkhandlu Wezifundazwe uNkk uSylvia Lucas ligcine selilihlohla ngaseqenjini lakhe igoli. Inkulumo yakhe ihunyushwe ngabahlaziyi nomphakathi ezinkundleni zokuxhumana njengegeje umgodi.
Ekhuluma ngesiBhunu uthe ukunqanyulwa kukagesi akusho ukuphela komhlaba. “Ngikhule sikhanyisa ngamakhandlela saze saphasa umatikuletsheni. Sasingenayo indlu yomxhaso, sisebenzisa namabhakede njengezindlu zangasese”.
UMengameli uRamaphosa ubonakale eyishayela ihlombe inkulumo kaLucas owake waba nguNdunankulu waseNorthern Cape. USolwazi uDirk Kotze ophethe umkhakha wezepolitiki eNyuvesi yaseNingizimu Afrika i-Unisa uthe le nkulumo bekungeyokukhankasa kodwa akwehlukile nokuthi uthi kwakungcono kuqala.
UMnu uJohn Steenhuizen ongumholi weDA enkulumweni yakhe usebenzise uTintswalo okuyigama lowesifazane elaqhamuka noRamaphosa enkulumweni yakhe emchaza njengowazalwa ngowe-1994 wakwazi ukumelana nazo zonke izimo zempilo ngoba izwe lase likhululekile.
USteenhuizen uthe ngonyaka uRamapnosa aqokwa ngawo kwesobuMengameli yiwo lowo nyaka uTintswalo alahlekelwa ngawo umsebenzi wabuyela ukuyohlala emjondolo. “Kusuka ngaleso sikhathi uTintswalo akasebenzi. Ngowezi-2021 waba ingxenye yabantu bakuleli abangasebenzi. Ngowezi-2002 uyise waba ngomunye wabantu abangama-75 ababulawayo eNingizimu Afrika zinsuku zonke,” kusho uSteenhuizen.
UMnu uConnie Mulder weFFPlus uthe iqiniso liyababa kodwa ngesikhathi uRamaphosa ethatha umbuso ukukhula komnotho kwehla kakhulu ezweni. Ngonyaka wezi-2018 ukukhula komnotho kwakumi ku-1.3 wamaphesenti. “Ngonyaka odlule bese kumi ku 0.9 wamaphesenti okuwukwehla okukhulu.”
Nanamuhla iyaqhubeka inkulumompikiswano okuyilanga lokugcina lokuphefumula kwamaqembu, kusasa uMengameli uRamaphosa uzophendula.

