Now Reading
UMayambela ubalisa ngokuphuthwa ngowamanqamu e-Afcon neBafana Bafana
Dark Light

UMayambela ubalisa ngokuphuthwa ngowamanqamu e-Afcon neBafana Bafana

Zisaqaqamba namanje izinhlungu zokuphuthwa yingqayizivele yethuba lokudlala umdlalo wamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon) kumdlali weBafana Bafana uMihlali Mayambela. 

IBafana idliwe yiNigeria kowandulela amanqamu e-Afcon ngoLwesithathu ebusuku eStade Bouake.

Umdlalo uphele ngo 1-1 ngemuva kwemizuzu eli-120. ISuper Eagles inqobe kumaphenathi ngama-4/2.

Isizobhekana nosokhaya i-Ivory Coast ngeSonto ngele-10 ebusuku e-Olympic Stadium of Ebimpe. Ngakolunye uhlangothi iBafana izodudulana neDRC emdlalweni wokubanga indondo yethusi.

UMayambela uveze ukuthi azikapholi izinhlungu zokukhishwa kowandulela amanqamu.

“Ukudliwa kowandulela amanqamu yinto ebuhlungu ngendlela eyisimanga. Izinhlungu zisazwela namanje. Sonke sidumele. Lapha ngibala abadlali, ithimba labaqeqeshi izikhulu nesizwe sonke saseNingizimu Afrika. Noma kunjalo ngoba kumele siziqhenye ngomsebenzi esiwenzile,” kuchaza uMayambela.

IBafana imangaze inqwaba yabathandi bakanobhutshuzwayo ngendlela edlale ngayo kulo mqhudelwano.

See Also

“Sithathe elinye igxathu njengeqembu. Ngeke sisabheka emuva. Njengamanje sesibheke phambili njengeqembu. Ikusasa libukeka liqhakazile. Sizoqhubeka sisebenze kanzima njengeqembu kanjalo njengomndeni,” kuqhuba uMayambela.

IBafana isizogxila emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ese-USA, eCanada naseMexico ngowezi-2026. Inamaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emibili. Iqumbe phansi iBenin eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngemuva kwalokho yaguqiswa yiRwanda ngama-2/0 ekuhambeni.

“Umdlalo ubushubile. Asizange sibhekise amakhanda phansi. Sibuye seliyoshona. Usuyophela umdlalo besingawuntshontsha kodwa inhlanhla yaphika. Ngihlalele ethembeni lokuthi eminyakeni ezayo sizokwenza kangcono kakhulu kunalokhu esikuzuzile kulo mqhudelwano.” kulandisa uMayambela.

Scroll To Top