Now Reading
Awakwele Ndlovukazi uMthaniya nengqayizivele yethuba lokuqeda isomiso sezinkomishi
Dark Light

Awakwele Ndlovukazi uMthaniya nengqayizivele yethuba lokuqeda isomiso sezinkomishi

Amaqembu aKwaZulu-Natal (KZN) asethubeni elihle lokuqeda isomiso sezindebe. Sekuphele iminyaka eyishumi nanhlanu isifundazwe, iKZN sagcina ukuphakamisa inkomishi esigabeni esiphezulu ebholeni elikhokhelayo eNingizimu Afrika. 

Lesi sifundazwe esidume ngokukhiqiza abadlali abaseqophelweni eliphezulu abafana noSiyabonga “Bhele” Nomvethe, Sibusiso “Rhee” Zuma, Derlon Buckley, Helman “Midnight Express” Mkhalela, Mlungisi “Professor” Ngubane noPatson “Sparks” Banda sesiphenduke inkundla yezembe.

Ngesizini edlule liphinde lagadla(izembe) iMaritzburg United iya ehlathini. Amanye amaqembu adliwe yizembe kule minyaka eyishumi nanhlanu singabala iLamontville Golden Arrows (ngowezi-2013/14) naMaZulu.

ILamontville Golden Arrows iyona eyagcina ukunqoba isicoco kulesifundazwe. Yatitinya i-Ajax Cape Town ngamagoli ayisi-6 kwiqanda e-Orlando Stadium, eSoweto, eGoli ngowezi-2009 kumqhudelwano i-MTN 8.

Kusukela lapho alikho nhlobo  elinye iqembu lakulesifundazwe eselike lanqoba isicoco. Ngowezi-2010 nangowezi-2022, AmaZulu azamile kodwa akhala ngaphansi kweyamanqamu.

Kuphinde kwaba esifanayo neMaritzburg igilwa yiFree State Stars ngowezi-2017 eKapa kowamanqamu eNedbank Cup. ITeam of Choice ( maritzburg united) yaguqa ngegoli elilodwa eqandeni ngegoli likaSithembiso “Deco” Dlamini.

Ngempelasonto amaqembu amabili aqhamuka kweleNdlovukazi uMthaniya azothola ingqayizivele yethuba lokuzibekisela indawo kowamanqamu. Okuyibhonasi wukuthi umdlalo wamanqamu uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini mhla ziyishumi nesithupha kuZibandlela.

Kusasa ngelesi-3 ntambama, iRichards Bay FC izotholana phezulu neStellenbosch kowandulela amanqamu eCarling Knockout Cup, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

IBay ayikaze idlale kowamanqamu emlandweni wayo webhola. Leli qembu lisungulwe ngowezi-2017 ngemuva kokuthi umnikazi weThanda Royal Zulu edayise iqembu kulandela ukuzibekisela indawo kwiDSTV Premiership. 

INatal Rich Boy idle ubhedu kuMotsepe Foundation Championship ngesizini yowezi-2021/2022. Lena yisizini yesibili igijima esigabeni esiphezulu.

I-Bay inethuba lokunqoba isicoco sayo sokuqala ezingeni eliphezulu. Ngakolunye uhlangothi iStellenbosch nayo isathungatha isicoco sayo sokuqala ezingeni elikhokhelayo. Ayikaze idlale kowamanqamu. Kusasa isethubeni lomlando.

NgeSonto ngelesi-3 ntambama, AmaZulu azodudulana neTS Galaxy FC eMoses Mabhida Stadium emdlalweni wesibili owandulela amanqamu eCarling.

Usuthu sekuphele iminyaka engamashumi amathathu nanye lagcina ukunqoba isicoco emlandweni walo. Leli qembu selokhu lagcina ukujabulisa abalandeli balo ngowe-1992 ngesikhathi lititinya iKaizer Chiefs ngamagoli amathathu kwelilodwa kuCoca Cola Cup licijwa nguClive Barker osanda kudlula emhlabeni.

Ngemuva kwalokho AmaZulu aphenduke ukudlala kwezembe. Kule minyaka engamashumi amathathu nanye Usuthu  seligawulwe yizembe amahlandla amane (1999/00, 2001/02, 2003/04 nangowe-2014/15).

Usuthu lacishe lasiqeda isomiso ngowezi-2010 kuNedbank Cup kodwa lagilwa yiBidvest Wits kuvulwa iFNB Stadium, eNasrec, eGoli ngaphambi kweNdebe yoMhlaba yangowezi-2010 eyayibanjelwe eMzansi.

IWits yabhonya AmaZulu ngamagoli amathathu eqandeni. UNiel Tovey nguyena owayecija Usuthu ngaleso sikhathi. Ngesizini edlule kuphinde kwawabhedela ekugcineni. Ahlulwe yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 eMabhida. EZimmyama zinqobe ngegoli elilodwa eqandeni  elavalelwa phakathi nguMonnapule Saleng kade kuyi-freekick.

NgeSonto, Usuthu  kuzomele lidlule kumaRockets(TS Galaxy) enomlando omuhle eMabhida. Ngowezi-2019, yaba yiqembu lokuqala ngqa eligijima esigabeni esiphansi emlandweni webhola e-Afrika ukunqoba iNedbank Cup efaniswa neFA Cup kwelamaNgisi.

Leli qembu likaTim Sukazi lathela othulini iKaizer Chiefs eyaziwa njengaMakhosi ezindebe eNingizimu Afrika ngo 1-0 wegoli likaZakhele Lepasa.

Namanje alikho elinye iqembu eselike laqeda ngaleli rekhodi leRockets. Isethubeni lokuphinde izibekisele indawo eMoses Mabhida.  Iqembu elizodla ubhedu kulo mqhudelwano lizogoduka nesamba sezigidi eziyisi-R6. ICarling Knockout Cup ingene esikhaleni seTelkom Knockout. Lena yisizini yayo yokuqala. 

Konke kuzocaca kahle mhla ziyishumi nesithupha ukuthi yiliphi iqembu elizokhonya okokuqala kule ndumezulu yomqhudelwano.

Umqeqeshi waMaZulu uPablo Martin ubheke isicoco sakhe sokuqala eNingizimu Afrika. Ujoyine Usuthu ekuqaleni kwesizini. 

Usayine inkontileka yeminyaka emithathu. Nasohlangothini lweGalaxy yinto efanayo njengoba uSead Ramovic esalwela isicoco sakhe sokuqala eMzansi. Ujoyine iqembu kumasizini amabili adlule livika izembe.

Bathini abaqeqeshi:

Pablo Martin waMaZulu:

“Anginaso isiqiniseko ngengcindezi (engibhekene nayo yokuthi kumele nginqobe lomqhudelwano kummyama kubomvu). Engingakusho wukuthi nginerekhodi elihle kweyandulela amanqamu. Ngisahlulwe kanye kowamanqamu kanti nginenqwaba yamawini. Ngingajabula ukudla komunye umdlalo wamanqamu bese ngiyaphumelela. Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukunqoba ukuze sizodlalela amanqamu ekhaya.”

Kaitano Tembo weRichards Bay FC:

“Kumqoka ukufinyelela kowamanqamu. Abanye abadlali kuzobe kungokokuqala bedlala kowamanqamu. Wonke umuntu eqenjini usebenze kanzima ukuze sifinyelele kulesi sigaba. Akumele sizithwale. Asikafiki kowamanqamu. Yingakho kumele sithobeke. Sisabhekene nomsebenzi wokudla iStellenbosch kowandulela amanqamu.”

Afinyelele kanjani la maqembu aseKZN kowandulela amanqamu?

See Also

AmaZulu:

Last 16:

Kaizer Chiefs 0-1 AmaZulu 

(Taariq Fielies)

Quarterfinal:

AmaZulu 3-0 Lamontville Golden Arrows 

(Junior Dion x3)

Richards Bay FC:

Last 16:

Richards Bay 2-1 Moroka Swallows 

(Abel Mabaso noYonella Mbuthuma)

Quarterfinal:

Richards Bay (5) 0-0 (4) Orlando Pirates 

IBay inqobe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.

Scroll To Top