Now Reading
Amanzi ayisisekelo sempilo yenyama neyomoya
Dark Light

Amanzi ayisisekelo sempilo yenyama neyomoya

Uma iNkosi uJesu odunyiswayo wangena, wabhabhadiswa wahlambululwa ngumbhabhadisi uJohane, emfuleni ohambayo kaMdali okuthiwa iJordan. Pho sesabani, singabazelani thina esingena ezindlini zamabandla ehlukene, ukubhabhadiswa, ukuhlambululwa, ukugezwa noma ukungena emfuleni. Sizalwa namanzi sisesezibelethweni zomama bethu, la manzi esindlalela indlela.

Bangabangcono futhi basizakale osopolitiki ikakhulukazi boHlanga uma bengase bahlambululwe, bagezwe ngamanzi omfula, empophoma ahambayo.

Siyisabelani imvula uma ina noma sesabelani ukunethwa yiyona kancane noma amathonsi ambalwa okungenani emvula uma imvula ina.

Sonke asizinuke amakhwapha ngisho wena mKhrestu, mphrofethi, gobela, makhosi, thwasa, sangoma, nyanga, hlanya, mfundi, wena gaqa lakho uma sesaba ngisho amanzi emvula. Kungani yonke into emhlabeni iphethwe ngamanzi noma iqalwa ngamanzi emvula ekade ina.

Kubuhlungu esisemabandleni ehlukene esingazange singene emfuleni wamanzi noma emanzini ahambayo, ukuba sihlambulule, sigeze le mimoya emibi engaphakathi kithina. Bese kuvuka imimoya emihle ngaphakathi kithina. Abelungu abayixwayi imvula nomfula njengaboHlanga.

Kuyinto ebaluleke kabi, ehlambulukile ngempela ukuba abantu bageze emanzini ahambayo njengasemfuleni, njengasesizibeni, njengasechibini. Abanye badlula kulolu hlelo lomfula, lempophoma, mzukwana bebhabhadiswa amabandleni ehlukene besebancane noma sebebadala.

Ngiwubani uma kuziwa emanzini omfula ohambayo. Ngiyabazi ubuhle bokugeza ngamanzi asemfuleni, emvula ikakhulukazi sisebancane, kuthiwe asibe nqunu sidlale uchabhayiya “Woza wemvula, uzosithela ngawo amathonsi, abandayo qa” Abasendulelayo babeyazi imfihlo enhle esemanzini emvula, uyabonakala noma esekhululie owakwenza lokho.

Sengimdala, ngangena emfuleni, ngahlambululwa, ngabhabhadiswa emfuleni eMphusheni eMbumbulu ngaselokishini iFolweni, ngaphansi kwethempeli lebandla lamaNazaretha kuseyiNyangayezulu u-A.K.Shembe, ngoNtulikazi kowe-1988.

Ngaba nenhlanhla, ugogo wethu u-Agnes uMaGubevu oMaduna ozala ubaba wathu.Mhla esithatha ngowe-1964, kwakuyimina, uZanele noBhabsi kwalandela uSimphiwe (uLucky) ngowe-1969, ukuba sibhabhadiswe ngokufafazwa ngamanzi nokuqiniswa ngumfundisi ebandleni lama-Anglican elibizwa Ekuvukeni ngenkathi lisesemaglasini KwaMashu kwa-E.

Kwakungale minyaka sisengabafana, ngikhula noMakhehlana nomnewabo uMfo Mdletshe, uMandla noBuyani Dladla abanewabo bakaThuthukani ukaputeni, uMkhovu Zulu, uGundani Maphumulo, uFo Zwane, uMalcom Kubheka, uDumisani Goqo, uBongi Bukhosini, uNgoso, sivamise ukubhukuda emfudlaneni emva kokuba selinile ngaphansi kwebhuloho lokuwela uma uya eBridge City Centre.

See Also

Sawuqamba ngokuthi: KwaMashayipani noma uMafukuzela ngoba uphakathi komgwaqo uMafukuzela kwa-L nomgwaqo uChakide kwa-H elokishini KwaMashu, eSinqawunqawini.

 Saphinda saba nenye inhlanhla futhi lapho uMaBiyela uTholani ngowe-1970, esihambisa ebandleni leZayoni umvangeli uMswazi Ngubane waseMpangeni esiQhomaneni kweseNkosi uBiyela. Sasidumisa nokwakulandelwa ukubhabhadisa, ukugezwa, ukuhlambululwa kwethu emfuleni uMhlangana emgwaqeni uMhlangana Road ngasohlangothini olungasesiteshini i-Effingham ngeminyaka elandelayo eyayehlukene yowe-1970, we-1971, we-1972 nowe-1973.

Bese futhi siya olwandle ukuyophakamisa imimoya emihle nokuhle esasifuna kwenzeke empilweni yethu sisengaphansi kwebandla leZayoni..

Ngoba kadeni emvelweni noma isiphi isidalwa esingumuntu emhlabeni sivikelwe, sizungezwe ngamanzi asesibelethweni somama bethu. Okungamanzi okuqala esigezwa ngawo. Yila manzi asesibelethweni esikhohlwayo ukuthi salumbeka kuwona, ngobuhle empilweni esiyoba yiyona sesizelwe sesisemhlabeni, sesicabanga ngokwethu ukucabanga nokwenza.

Bese kuya ngomzali ukuthi wayekhuluma kahle yini ngenkathi usesesibelethweni sakhe. Okanye wayekhuluma kabi seyizelwe leyo ngane futhi izizwela okubi bese nayo leyo ngane iba yimbi, yamehlula isesencane, kodwa angaboni ukuthi iyamehlula isengaphansi kweminyaka emihlanu ubudala.

Scroll To Top