Now Reading
Nelengqwele liyopha ku-EFF
Dark Light

Nelengqwele liyopha ku-EFF

Isinqumo sokumisa amakhansela angenzanga kahle ngokhetho singase senze lisheshe licace ikusasa leqembu kanjalosivuse nemibuzo ngalo nobuholi balo

 

Kwabaningi abangabalandeli nabeseki  beqembu, i-Economic Freedom Fighters (EFF) ingene  nomgqigqo omusha kupolitiki yakuleli. Kulaba le nhlangano ‘izolungisa izinto’ kusuka odabeni lo mnotho njengoba negama layo lisho, olomhlaba kanye nezokubusa.  Kule minyaka emincane libunjiwe selikwazile ukusebenzisa izinombolo zalo yize zincane ukubanga umsindo owenza kungabi ngumqondo ophusile ukungalinaki. Ukungenisa kwe-EFF sekudlisele iqembu elikhulu kwaphikisayo eNingizimu Afrika, iDemocratic Alliance (DA) ogageni. Phakathi kwemikhankaso leli qembu elisekhaleni yalo nebe ngudabamlonyeni kube yilowo obizwa nge#Payback The Money nowabe uqondiswe kuMengameli wezwe uZuma odabeni oluthinta umuzi wakwabo kwaDakw’udunuse oseNkandla. Kanjalo nasodabeni lokubuyiselwa komhlaba leli qembu lisekhaleni.

Nokho okwenzeka kulo kamuva nje kukhomba khona ukuthi njengamanye amaqembu akupolitiki nalo seliyabhabhadiswa ngomlilo. Okubonakala kungase kushubise isimo kwenze nobudlelwano bube muncu yisinqumo sale nhlangano sokuyalela amakhansela athize ukuba esule ezikhundleni. Lokhu yize kungeyona into entsha kepha ukundonda ukwelusa isinqumo sayo esathathwa nyakenye emuva kwemiphumela yokhetho. Lesi sinqumo simayelana namakhansela athola amavoti angaphansi kwe-100 ngesikhathi sokhetho.

Ephawula ngalesi sinqumo umholi waleli qembu wathi: “Lo mgomo uqonde ikakhulukazi ukuklomelisa  labo abasebenzele inhlangano ngokuzinikela, futhi ugweme isimo lapho kuklonyeliswa abangenzanga kokwanele.” Waphinde wathi lokhu kuzokwenziwa nakubaholi abazobe beya ePhalamende ngokhetho langowezi-2019. ElaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi emuva kwenzinyanga eziyisikhombisa bafungiswa njengamakhansela, amakhansela e-EFF asethunyelwe izincwadi nayilapho eyalelwa khona ukuthi asule ezikhundleni zawo ngokushesha.  Lezi zincwadi ezithunyelwe ngumdidiyeli wesifunda uReneiloe Mashabela.  Emuva kokuthunyelwa kwalezi zincwadi la malungu athintekayo abe esebizelwa emhlanganweni eThekwini nayilapho etshelwe khona emehlweni ngalesi sinqumo seqembu.  Khona lapho leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi lokhu akwehlanga kahle kulaba nokuthi abanye sebeqalile ukufuna izeluleko zomthetho. Ngokomthombo obuphakathi kulo mhlangano nowazi umnyombo wodaba isenzo sobuholi kasehli kahle ngoba phakathi kokunye siphazamisa uzinzo nokuzwana enhlangamweni.

“Lezi zigagayi (fighters) ezimiswayo nazo zinabantu abazilandelayo. Yebo kungenzeka ukuthi izinombolo azibavumi kepha asikwamukele ukuthi lolu bekuwukhetho olwehlukile nolokuqala kubantu abaningi. Uma kukhona lapho kungahambanga kahle khona asikwamukele noma sizisole njengeqembu ngoba ukubeka icala umuntu oyedwa abunabo ubulungiswa.” kusho lo mthombo ocele ukuba ungadalulwa kwazise izembe limile okwamanje.

Incwadi ebithunyelwe abathintekayo ibithi: “Umhlangano obubanjwe zintathu kuMandulo wezi-2016 wanquma ukuthi bonke abothole ngaphansi kwamavoti ali-100 emawadini abo kufanele batshelwe basule masinyane ezikhundleni zabo zithathwe ongenele ubukhansela bewadi othole amavoti amaningi kulowo masipala.” Phakathi kwabantu abangase bakhonjwe indlela nabathunyelwe izincwadi kukhona okhansela uKhanyisile N. Mpontshane kuMasipala uMtubatuba, uRajdave S. Sivnath kuMasipala uMsunduzi, uSiphamandla R. Myeni kuMasipala iJozini, uCromwell S Shinga kuMasipala iHibsiscus Coast, uZibuyisile L. Buthelezi kuMasipala Umlalazi, uMondli N. Shezi kuMasipala Umshwathi, uLindani I. Mthembu kuMasipala iKwaDukuza, uMbuyiseni Nkosi kuMasipala iLadysmith/Waaihoek, uFuthi Mlambo kuMasipala i-Emadlangeni, uNkosinathi E. Sithole kuMasipala i-Estcourt/Loskop, uZwelethu F Mbambo kuMasipala uMkhambathini, uSibongile Nkwanyana kuMasipala iMandeni.

ElaboHlanga lihabule umoya wokuthi abanye balaba basonga ukuphikisana nalesi sinqumo bebeka phakathi kokunye izizathu ezithi lesi sinqumo esingumqamulajuqu singanomthelela ongemuhle kubo nasemindenini yabo. IBAYEDE izame yancama ukuthola ukuphawula ebuholini be-EFF obuthintekayo. UNks uReneiloe Mashabela ukhale ngokuthi usendaweni enomsindo, wacela ukuba athunyelelwe ngomqhafazo imibuzo. Nebala akazange ayiphendule kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Kwale ngisho elaboHlanga lithinta owezokuxhumana ku-EFF uNks uNaledi Chirwa, owenze esifanayo nesikaNks uMashabela, yena-ke ukhale ngolayini wocingo ongemuhle, wacela ukuba kushicilelwe umqhafazo.

UMnu uVukani Ndlovu onguSihlalo we-EFF esifundazweni ukuvumile ukuthi elaboHlanga kalikhulumi ilumbo ngalolu daba. “Yebo ikhona into enjalo. Kepha engingakusho ukuthi lolu daba luphethwe ngabaholi beqembu kuzwelonke ngenxa yobucayi balo,” eshaya ngezinqamulelayo uGatsheni.

Okunye okudala ukukhuluma kuleli qembu wudaba lokudonselwa kwamalungu (amakhansela) imali emiholweni yawo nokwavela ukuthi kungenxa yesikweletu le nhlangano eyangena kuso mhla ikhankasela ukhetho ngonyaka owedlule. Ngokwemibiko kuthiwa leli qembu lathatha imalimboleko yezigidi ebhange iStandard Bank nokulindeleke ukuba sikhokhelwe ngamakhansela ale nhlangano. Kusaqala ukukhuluma kukhona ayevusa umhlengwa nokho kuthiwa isibalo sabavusa umhlwenga sinciphile. Abanye okuthiwa kabesule elinye icala yilo lelo lokungalaleli umlayelo weqembu. Okwabe kulindelekile wukuthi le mali idonswe ezinyangeni ezintathu.

See Also

Yize kusesekuseni ukuqagula kepha kubukeka nxa le nhlangano ingaluphathi ngokuyikho lolu daba lungase ludale ukukhuluma okufanayo njengalokho okwavela mhla ubuholi bukazwelonke kule nhlangano buhlakaza zonke izinhlaka zaleli qembu KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape. Isizathu esabekwayo ngaleso sikhathi yilowo owabe engumlomo wenhlangano uMnu uFana Mokoena saveza ukuthi inhlangano yathatha ngamawala ekwakheni izinhlaka kulezi zindawo. “E-Eastern Cape naKwaZulu-Natal kube nenkinga kithina. Asizange sibe nesikhathi sokubona ubuqotho bamagatsha ngakho-ke sithe kungcono siqale phansi,” kubeka uMokoena.

Okunye ukukhuluma

Kuvela lokhu kukhuluma nje bese kukhona abasola le nhlangano ngokusuka ‘emigomweni eyasungulwa ngaphansi kwayo’. Emasontweni edlule elaboHlanga libike ngodaba oluthinta omunye wabasunguli be-EFF uNks uMagdalene Moonsamy owaphumela obala wagxeka ubuholi be-EFF. Okwabe kunenga le nkosazane kwabe kuyisinqumo se-EFF sokusebenzisana neDemocratic Alliance nayisola ngokuthi yabe iyingxenye yalokho iqembu labo elabunjelwa ukuphikisana nakho. Ephimisa amagama aqinile uNks uMonsamy wathi, “Ngeke ngidonselwe ephutheni lokuthi ngithengise ngegazi nezinyembezi zabantu bakithi. Indlela engaziwa nengicabanga ngibuye ngiphile ngayo ngokwemicabangomgomo yohlaka lukaMarx noLennin ngeke ngilokothe ngivume ukusebenzisana neDA. Angiboni okulandelekayo okuphusile okuthi anizihlanganise neDA kodwa nizobavotela, ngeke kwenzeke lokho. Angingabazi ngalokhu engikushoyo,” kuphetha le ntokazi.

Omunye wabasunguli be-EFF uMnu u-Andile Mngxitama weBlack First, Land First Movement (BLF) uke wacela iqhude i-EFF ukuba iphumele obala ngodaba oluthinta lokhu akubiza ngenkohlakalo yakwa-Absa ethinta ukushushumbiswa kwezigidigidi ngaphandle kwakuleli. Lokhu okwenziwa nguMgxithama kwabonakala njengenselelo eqonde ngqo njengoba kwakuyiyo i-EFF eyabe ithe iyogasela kwa-Absa kube kuncane indawo. Lokhu umholi wayo uMnu uJulius Malema wakusho ngonyaka wezi-2015 emahhovisini eSouthern African –German Chamber of Commerce and Industry eGoli. Lapha lo mholi wethembisa ukuthi ezakhe zizovakashela wonke amagatsha akwa-Absa ngenhloso yokuveza ukungalingani ezweni. Wasola ukuthi i-Absa ingumphumela weqoqo lamabhunu (Broederbond) elabe liphethe ngezikhathi zikaHulumeni wobandlululo. Le nkulumo yanyakazisa abaningi ikakhulukazi kwezezimali. Kagcinanga lapho okaMalema kepha wahola amalungu enhlangano yakhe ukuba alibangise eJohannesburg Stock Exchange (JSE) ukusho okufanayo.

Kulolu daba lwakwa-Absa umholi we-EFF uMalema walibeka ngembaba ukuthi iqembu lakhe ngeke lashishibezwa ngelimabhaxa ngalolu daba. Wathi ngeke bamemeze bona uma sebeyoqhinqa kwa-Absa. Wathi ngeke babe mdibi neBLF, nayisola ngokuthi ingabavikeli bakaMengameli uZuma.

Nokho labo abagxeka okaMalema ne-EFF bathi kayikhonkothi nethambo. Bathi njengoba bemsola ngokuthi ukukhuluma kwakhe akusefani selokhu’ ahambela umhlangano owabe useLondon ngowezi-2015. Kulo mhlangano owabe usemahhovisi iChatham House nenomthetho othi okukhulunywe phakathi akuphumeli ngaphandle. Okwabe kuhlangenwe naye nguMnu uRobin Renwick owaziwayo ngokuba ngungxiwankulu ongenanembeza. Kubagxeki bakaMnu uMalema umhlangano waseLondon kanye nokusebenzisana kwabo neDA Kuchaza ukuthi i-EFF ingenza noma yini ukuthola udumo ngisho ukuguqula imigomo yayo.

Scroll To Top