Now Reading
Ufisa ukufunda kwabadala osayiniswe amaDolphins
Dark Light

Ufisa ukufunda kwabadala osayiniswe amaDolphins

Akuyona into eyenzeka kunoma imuphi umdlali wekhilikithi ukuthi athole ithuba lokudlala eqenjini elifana neHolywoodbets Dolphins. Leli qembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal lingelinye la maqembu amakhulu lapha eNingizimu Afrika.

Umdlali osemncane uThamsanqa Khumalo, unyelwe inyoni esandleni ngokuthi athole inkontileka kuleli qembu. UmfokaKhumalo uthola le nkontileka eqenjini elikhulu nje ubedlala kuzinkulisa zalo leli qembu.

Ukubalulile ukuthi akayile ukuyokwandisa isibalo njengoba ewelwe inyoni esandleni nje. Lo mdlali odabuka eNtuzuma kwa-E, usho lokho kade enengxoxo nelaboHlanga. “Leli thuba engilitholile kade ngangilifisa, ingakho kumele ngilibambe ngezandla zombili njengoba sengilitholile. Kuyifiso sanoma imuphi umdlali ofisa ukudlala lapha” usho kanje.

Le nsizwa yakwaKhumalo kwamenyezelwe ukusayina kwayo kumaDolphins kanye noThando Ntini oyindodana kaMakhanya Ntini, uJason Smith kanye noBryce Parson oke waba ngukaputeni weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kweli-19.

Uthe into emqoka kuyena ukuthi ancele ulwazi kubadlali asebekhulile kuleli qembu.
“Kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili, nami ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi ngiyafunda kubadlali abadala. Kulabo badlali ngibala uKeagan Petersen engisondelene kakhulu naye, kube uKhaya Zondo ongukaputeni okunguyena mdlali engibukela kuyena. Ngikholwa ukuthi engizokufunda kulabadlali kuzowenza ukhule kakhulu umdlalo wami” kusho uKhumalo.
Uthe okuhle ukuthi uficane noMduduzi Mbatha okwithimba labaqeqeshi ayekade esebenzisana naye, ubona ezomusiza kakhulu ukuthi amkhulise ngomdlalo wakhe.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-21 waqala ukudlala ikhilikithi ngonyaka wezi-2009. Wayedlala ngaphansi kohlelo lweSunfoil Township & Rural Development Programme, ngokwenza kahle kwakhe wathola umfundaze esikoleni sabadla izambane likapondo iGlenwood High School ngaphansi kweSunfoil Education Trust.

Enaba ngokwenza waqoma lo mdlalo kuyona yonke umfokaKhumalo uthe: “Engakuthanda ngalo mdlalo ingoba ukwenza uhambele amazwe amaningi, nokuyinto engiyijabulelayo. Okunye ukwenza uhloniphe ukwazi nokuziphatha” usho kanje.

Useke walunguza eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kweli-19, iNingizimu Afrika yayihambele izwe lase-India kuchungechunge olwaluhlanganisa ne-Afghanistan ngonyaka wezi-2019. Ngawo lowo nyaka wadlala umqhudelwano obizwa nge-African Cup nowawubanjelwe khona lapha eNingizimu Afrika.

See Also

“Ngizimisele kakhulu ukuthi ngisebenze ngokuzikhandla, Ilona thuba lami lokuthi ngiveze ikhono lami nanokuthi akuyona inhlanhla njengoba ngithole ukusayina inkontileka neqembu elikhulu. Isifiso sami ukuzinza kuleli qembu, bese ngizishiyela igama elihle nginqobe nezindondo nalo” usho kanje.

Uthe uQuinton de Kock uyena mdlali omkhuthazile ukuthi asebenze ngokuzinikela. Lokho kwenzeka ngesikhathi lo mdlali (uDe Kock) eqokwa eqenjini lesizwe emncane wafike wenza izimanga.

Le nsizwa ibuzwa ukuthi yini engalindelwa kuyona ithe: “Ngoba ngishilo ngisamncane ngisafuna ukufunda okuningi ngalo mdlalo. Ngeke ngizifakele ingcindezi yokuthi uma iqala isizini ngifuna ukushaya amaruns amangakanani cha, sizofika isikhathi lapho ngizobe sengikwazi ukuthi ngifisani” usho kanje.

Selilonke iqembu leHollywood Dolphins limi kanje: uMarques Ackerman, u-Ottneil Baartman, u-Eathan Bosch, uRuan De Swardt, uDaryn Dupavillon, uSJ Erwee, Tuhamsanqa Khumalo, uKerwin Mungroo, uLifa Ntanzi, uThando Ntini, uBryce Parson, uJason Smith, uKeagen Petersen, uGrant Roelofsen, uPrenelan Subrayen, noKhaya Zondo (ukaputeni).

Scroll To Top