Now Reading
Umlando weBafana neSuper Eagles ku-Afcon
Dark Light

Umlando weBafana neSuper Eagles ku-Afcon

INigeria kudala ishiya kukhihlwa eseNdlovukazi uNandi eNingizimu Afrika ku-Africa Cup of Nations (Afcon).

Namuhla ngelesi-7 ebusuku eStade Bouake, iBafana Bafana izothola ithuba lokuphendula amatafula uma isibhekene neSuper Eagles kowandulela amanqamu.

Intatheli yelaboHlanga isibhekela umlando weBafana neNigera ku-Afcon.

Mhla ziyishumi kuNhlolanja ngowezi-2000:

La mazwe ahlangana kowandulela amanqamu eLagos kwelaseNigeria. Womabili ayebanga indawo kowamanqamu. IBafana ayizange ilibone elidlalayo osukwini. Yagojelwa amaSuper Eagles ngama-2/0 kulo mdlalo owawubhekwe ngamehlo abomvu.

UTijana Babangida wayenzela phansi ngalolu suku. Ngomzuzu wokuqala umdlalo uqalile wabingelela ngegoli kwathi ngomzuzu wamashumi amathathu nane wabhakuzisa enethini elesibili. INigeria yagcina izibekisele indawo kowamanqamu lapho yaguqiswa khona yiCameroon eyayishisa izikhotha.

Mhla zingamashumi amathathu nanye kuMasingana ngowezi-2004:

ISuper Eagles yenza iBafana isilo sengubo eStade Mustapha Ben Jannet, Monastir eTunisia ngalolu suku. La mazwe ahlangana esigabeni samaqoqo. INigeria yabhaxabula iBafana ngama-4/0. Amagoli eSuper Eagles avalelwa enethini nguJoseph Yobo, uJay-Jay Okocha namabili kaPeter Odemwingie. IBafana yagcina iphume esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.

See Also

Mhla ziyisishumi kuNtulikazi ngowezi-2019:

INigeria iphinde yashiya kunxashwa eNingizimu Afrika iguqisa iBafana Bafana ngama-2/1 eCairo International Stadium eGibhithe. 

USamuel Chukwueze wabeka iNigeria phambili ngomzuzu wamashumi amabili nesikhombisa kwathi uBongani Zungu washayela iBafana elokulinganisa wama-71. UWilliam Troost-Ekong waphula izinhliziyo zabalandeli beBafana ngomzuzu wama-89 evalela enethini elokunqoba umdlalo usubheke emaphethelweni. IBafana yaphuma kanjalo ku-Afcon.

Scroll To Top