USuthu luthembisa ukuyiguqisela esibayeni sayo iPirates



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umdlalo obandakanya AmaZulu FC ne-Orlando Pirates ungomunye obhekwe kakhulu kule mpelasonto.
La maqembu azotholana phezulu emdlalweni womkhumulajezi iNedbank Cup Last 32. Lo mdlalo uzokuba ngeSonto kwesikaMaminzela isigodi, e-Orlando Stadium uzoqala ngelesi-3 ntambama.
ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nesitobha sa-AmaZulu FC esidabuka Olundi, uThembela Sikhakhane ngaphambi kwalo mdlalo.
USikhakhane ekhuluma ngamalungiselelo uthe: “Konke kuhamba kahle kakhulu, wonke umdlali uzimisele ukuthi athole ukudlala ngeSonto. Akekho umdlali olimele, lokho kuchaza ukuthi umbango mkhulu kakhulu kuzoba nzima nakubaqeqeshi ukuba bekhethe iqembu elizoqala umdlalo. Okuhle ukuthi sitholana nePirates nje, ngonyaka odlule sivale nayo, lokho kusho amaphutha esiwenzile sikwazile ukuwalungisa. Nakanjani lo mdlalo sifuna ukuwunqoba, sidlulele esigabeni esilandelayo” usho kanje.
La maqembu egcina ukutholana umdlalo wanqotshwa iPirates ngamagoli amabili kwelilodwa, umdlalo owawushube kakhulu kwazise Usuthu laluqeda kuguqisa iMamelodi Sundowns ngegoli elilodwa eqandeni.
USuthu oluqeqeshwa uBenni McCarthy luya kulo mdlalo kuzobe kubhekwe abadlali balo abasha u-Abbubaker Mobara obekwiCape Town City nomgadli odabuka e-Australia u-Abraham Majok.
“Asiselona iqembu elincane wonke amaqembu eza kithina ethukile. Ngesizini edlule siqede endaweni AmaZulu FC angakaze aqeda kuyo, nakulokhu singenza into yamehlo ngokuthi sinqobe lo mqhudelwano. Kodwa konke kulele ekutheni siqale sinqobe lo mdlalo wangeSonto” usho kanje uSikhakhane.
Lo mdlali uqale ukuba sebholeni elikhokhelwayo ngonyaka wezi-2013 egijima kuLamontville Golden Arrows, kuthe ngowezi-2016 wajoyina yona iPirates yabe ilokhu imbolekisa uSuthu. Kule sizini udlale imidlalo eli-15 yeligi, owodwa weMTN 8 nowodwa weCAF Champions League.
Uthe ngaphandle kokuthi benganqoba iNedbank Cup uthe neCAF Champions League uma bengabambisana kahle nayo bengagcina beqeda kahle kuyona.
Ebuzwa ngokuthi ngabe uyafisa yini ngelinye ilanga ukugqoka ijezi lePirates, uthe uneme kakhulu lapho akhona njengamanje.
USuthu kulogi luhlezi endaweni yesihlanu emva kwemidlalo engama-20 lunamaphuzu angama-27.