Now Reading
Okwamanje angikazokuyiphosa emshayweni imikhala: Broos
Dark Light

Okwamanje angikazokuyiphosa emshayweni imikhala: Broos

Uchitha eyokuthi kungenzeka athathe umhlalaphansi uma kuphela i-Africa Cup of Nations (Afcon) umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.

Le ngwevu edabuka eBelgium isenenkontileka yeminyaka emibili neSouth African Football Association (Safa).

Uthathe izintambo eminyakeni emithathu eyedlule. UBroos usethubeni lokudla isicoco se-Afcon neBafana.

“Awukaze ungifikele umcabango wokuthi ngithathe umhlalaphansi uma kuphela lo mqhudelwano noma iqembu lami liphuma. Kungani kumele ngicabange kanjalo? Yebo, ngike ngakubalula ukuthi ngineminyaka engama-71 futhi uma usukuleyo minyaka uyafikelwa umcabango wokuyeka kodwa njengoba izinto zingihambela kahle nje kungani kumele ngiyeke? Umsebenzi wami ngiyawuthanda. Ibhola ngiyazifela ngalo. Sobona ukuthi ikusasa lingiphatheleni. Kuyinto ejwayelekile ukuthi uma usuqeqeshe iminyaka engama-36 wadlala esigabeni esikhokhelayo njengomdlali iminyaka eyishumi nesishiyagalombili uyaqala ucabange ngomhlalaphansi. Akukho okungaphezu kwalokho okwamanje,” kubeka uBroos.

Namuhla ngelesi-7 ebusuku eStade Bouake, iBafana izotholana phezulu neNigeria emdlalweni owandulela amanqamu.

“Asiyisabi iNigeria kodwa siyazi ukuthi ibophele abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Yebo, umlando uyabavuna. Emuva bahle ngendlela eyisimanga. Ngicabanga ukuthi ngaphambi kokuthi sibhekane neMorocco izona zonke izinto okwakukhulunywa ngazo lezi. Ekugcineni sagcina siyiqumbe phansi. Ukuthi umlando awusivumi akusho ukuthi sekumele siyisabe iNigeria,” kuqhuba uBroos.

See Also

IBafana ayikaze iwashaye ama-Super Eagles ku-Afcon.

“Angikaze ngilingabaze ikhono labadlali bami. Angilingabazanga nangesikhathi kunemibuzo ngeqembu. Kumqoka ukungalishintshi kakhulu iqembu ukuze abadlali baqonde indlela ofuna benze ngayo izinto. Uma ubambe lokho, imiphumela izoqala ilandele. Yebo, asiqalanga kahle ngiyavuma kodwa asizange siboze sibhekene neMali yize sadliwa. Sadlala kahle kakhulu. Ngemuva kwalokho asibhekisanga amakhanda phansi. Sivuke sazithatha sashaya iNamibia okwenze ukuzethemba kwethu kwakhula. Kunyuke kakhulu sesiguqisa iMorocco. Kulo mqhudelwano kuphoqe ukuthi senze izinto iNingizimu Afrika engazenzi kwelesizwe ebholeni lomhlaba futhi saphumelela,” kuphetha uBroos.

Scroll To Top