Kuzocaca ngeSonto ngozodla ubhedu kuMotsepe Foundation Championship
Kuzohlukana inhloko nesixhanti kuMotsepe Foundation Championship kule mpelasonto. Isizini yowezi-2022/23, njengoba isongwa ngeSonto ngehora lesi-3 ntambama, wonke amehlo athe njo kuCape Town Spurs, Casric Stars nePolokwane City.
Phakathi kwala maqembu amathathu elilodwa lizozibekisela indawo kuDSTV Premiership ngesizini ezayo bese kuthi amabili azitholele indawo kuma-play-offs. Intatheli yelaboHlanga, uZipho Singela isibhekela okudingwa yiSpurs, Casric nePolokwane ukuze badle umhlanganiso kuMotsepe Foundation.
ICape Town Spurs
EzikaShaun Bartlett zidinga amaphuzu amathathu ukuze zidle ubhedu. Njengamanje ziqhwakele ngamaphuzu angama-56 ngemuva kwemidlalo engama-29 yeligi.
Zihlukaniswe yiphuzu neCasric esendaweni yesibili kanti iqhelelene ngamaphuzu amabili nePolokwane City esendaweni yesithathu. Uma iSpurs inqoba noma kungenzakalani kweminye imidlalo iyona esizonyukela kuPremiership ngesizini ezayo.
Kowokugcina izokwamukela iPretoria University e-Athlone Stadium, eKapa ngeSonto ngehora lesi-3 ntambama. Uma iSpurs idlala ngokulingana bese iCasric nePolokwane City benqoba kweyabo imidlalo, iqembu laKwaNdebele lizonyukela esigabeni esiphezulu. Uma kwenzeka iSpurs idliwa nePolokwane idliwa bese iCasric idlala ngokulingana lokho kuzosho ukuthi kozokhuphuka leli qembu eliphethwe nguBucs Mthombeni. Uma womathatha la maqembu edliwa kuzokhuphuka iSpurs.
Ukuphawula kweSpurs
Umdlali weSpurs uCohen Stander odlala ngakwesokunxele emuva uphawule wathi
“Sizimisele ngokuqedela umsebenzi phambi kwabalandeli bethu. Angeke sibaphoxe. Leli qembu lifanelwe wukudlala esigabeni esiphezulu ngenxa yomlando walo ebholeni lakuleli. Lisebenze kanzima ukufeza lelo phupho. Siyazi angeke kubelula kodwa iTuks sizimisele ngokuthi ibuyele ePitoli ingaphethe lutho esandleni. La maphuzu amathathu amqoka kakhulu kithina.”
ICasric Stars
ICasric izodudulana ne-All Stars emdlalweni wokugcina ozoba seTsakane Stadium, eGoli, ngeSonto ntambama. ICasric idinga amaphuzu amathathu bese ihlalela ethembeni lokuthi iTuks izokwazi ukushaya iSpurs noma badlale ngokulingana. Uma iCasric izishayela i-All Stars bese iSpurs iqhuzuka ngokuthi ishaywe noma idlale ngokulingana kuyobe indlela yaleli qembu laseMpumalanga ebheke kuDSTV Premiership ivuthiwe. Okwenzeka phakathi kwePolokwane City neCallies kuyobe sekungasho lutho.
Ukuphawula kweCasric Stars
Umdlali weStars uKgomotso Mosadi onamagoli ali-11uphawule wathi: “Asinakile ukuthi kwenzekani emaceleni. Thina sifuna ukuzenzela umsebenzi uma sesibhekene ne-All Stars. Okunye sesokubona ngemuva komdlalo. Ithemba lokunyukela phezulu likhulu kakhulu.”
IPolokwane City
IPolokwane isanalo ithemba lokukhuphukela esigabeni esiphezulu kodwa akusekho ezandleni zayo. Ilele endaweni yesithathu ngamaphuzu angama-54 emidlalweni engama-29 yeligi. Kowokugcina izoshukana nePretoria Callies e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo. Ukuze inyukele esigabeni esiphezulu idinga ukuthi kushelele iCasric Stars neCape Town Spurs. Uma la maqembu engadlala ngokulingana emidlalweni yayo noma adliwe bese iPolokwane iphumelela umdlalo wayo izokwandisa isibalo samaqembu aseLimpopo kuDSTV Premiership ngesizini ezayo.
Ukuphawula kweCity
ULechesa weCity uphawule wathi “Ngesizini ezayo sifuna ukudlala kuDSTV Premiership. Sivele sesizibekisele indawo kumaplay-offs. Njengamanje sesibheke ukuthi senze umsebenzi ekhaya ngethemba lokuthi eminye imiphumela izosivuna. Ekugcineni iqembu silifuna phezulu.”