Now Reading
ObekuSwallows uziqeqesha noSuthu
Dark Light

ObekuSwallows uziqeqesha noSuthu

Uziqeqesha na-AmaZulu FC uNtsako “Never Die” Makhubela, osanda kuhlukana neMoroka Swallows FC. 

UMakhubela oneminyaka engama-29 odle ngebhola lomjiko ubalwa nabadlali abahlukane neMoroka Swallows FC ngoMasingana. 

“Iqiniso uMakhubela ujima  na-AmaZulu FC, ngikhuluma nje izolo uwudlalile umdlalo wobungani Usuthu okade liwudlala neMilford FC egijima kuMotsepe Foundation Championship. Kubukeka engenzeka egcine esayinile uma eqhubeka nokwenza kahle” kusho umthombo.

Lo mdlali oyibamba esiswini njengoba eziqeqesha na-AmaZulu FC phambilini uke wagijima kwiReal Kings, iLamontville Golden Arrows, i-Orlando Pirates neMoroka Swallows FC.

Uhambe kuMoroka Swallows edlale imidlalo yeDStv Premiership eli-11 eshaye igoli elilodwa. 

Uma egcina esayinile kulo Usuthu uzobanga indawo no-Ethan Brooks, uCelimpilo Ngema, uHendrick Pule Ekstien, uRowan Human noBen Motshwari. 

Kuzo ezithinta Usuthu izolo lumemezele ukuthi seligcine ligqashukile igoda phakathi kwalo noMxolisi Kunene. 

See Also

Besekunesikhathi eside kuthiwa lo mdlali uyahlukana naleli qembu kodwa kugcine kungenzeki. Inkontileka yakhe bekulindeleke ukuthi iphele makuphela isizini.

Abanye abadlali abahlukane noSuthu kuleli windi uSibusiso Mabiliso, uTercious Malepe noSiphesihle Maduna. 

Umdlalo olandelayo woSuthu uzoba ngoLwesibili neStellenbosch ekuhambeni.

Scroll To Top