Now Reading
IBafana ingabuyisa isithunzi emhlabeni kanobhutshuzwayo: Broos
Dark Light

IBafana ingabuyisa isithunzi emhlabeni kanobhutshuzwayo: Broos

Kulokoza inhlansi yethemba kumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngobuya kwedumela leNingizimu Afrika ezingeni lomhlaba. 

IBafana yenza ezibukwayo ku-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast. Isanda kufinyelela kowandulela amanqamu alo mqhudelwano. Izobhekana neNigeria kusasa ngelesi-7 ebusuku eStade Bouake.

Ikhiphe amaqembu esizwe ahlonishwayo okubalwa kuwona iTunisia neMorocco abasuka enhla ne-Afrika. Eminyakeni eyedlule iNingizimu Afrika ibihlonishwa ezingeni lomhlaba okufakazelwa yinqwaba yabadlali abebegijima emaqenjini amakhulu aphesheya kwezilwandle.

Phakathi kwabadlali beBafana abebegijima kumaligi amakhulu ngesikhathi isanda kudla i-Afcon ngowe-1996 bekukhona uLucas “Rhoo” Radebe oyibamba kuLeeds United, uQuinton Fortune obenenkontileka neManchester United, uMark Fish noShaun Bartlett abebedlala kuCharlton Athletic ku-English Premier League noMark Williams obedlala kuWolvehampton.

UBroos unethemba lokubuya kwalezi zinsuku.

“Ukufinyelela kowandulela amanqamu kusho lukhulu. Kunenqwaba yezakhamizi zaseNingizimu Afrika ebezingakholelwa kuleli qembu. Thina besikholelwa kulona. Abadlali bebekholwa wukuthi bangakwenza kwenzeke. Nangempela kwenzekile. Yinto enhle kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. Abadlali basemehlweni omhlaba manje. Amazwe aphesheya asezoqala abheke abadlali abaqhamuka eNingizimu Afrika. Ngiyethemba ukuthi kunenqwaba yabantu ebithamele imidlalo yeNingizimu Afrika. Yingakho nezinga lePremier Soccer League kumele likhuphuke. Lokho kuyaphoqa,” kubeka uBroos.

See Also

Njengamanje uSiphelelo Sithole, uMihlali Mayambela noPercy Tau yibona kuphela abadlala emazweni angaphandle.

“Sidlala imidlalo eshubile. Abanye abadlali bathwale kanzima. Yingakho-ke ngithi izinga kumele linyuke kakhulu kunakuqala. Asikho esinye isikhathi esihle ukwedlula lesi. Ukuba kowandulela amanqamu kungumzuzu oyisiphesheli. Asethembe sizokwazi ukumangaza abaningi kowandulela amanqamu ngoLwesine. Ilukuluku lokulambela ukudlala kowamanqamu ngeSonto linyuke kakhulu.” kuphetha uBroos.

Scroll To Top