Ngabe uRassie angenza aMabhokobhoko abe ngompetha okwesithathu kulandelana?


Agaqele isicoco sesithathu seNdebe YoMhlaba kulandelana Amabhokobhoko asememezele uRassie Erasmus njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe.
U-Erasmus uzobamba izintambo njengomqeqeshi waleli lizwe elingompetha boMhlaba kuze kushaye unyaka wezi-2027.
Ubambe elikhulu iqhaza Amabhokobhoko evikela isicoco seWeb Ellis kwelaseFrance ngonyaka odlule.
UJacques Nianeber uthathe isinqumo sokushenxa kulesi sikhundla ngemuva kweNdebe yoMhlaba eFrance. U-Erasmus ubengumqondisi wombhoxo kuMabhokobhoko ngesikhathi kuqhubeka iNdebe YoMhlaba.
Wayethathe lesi sikhundla ngemuva kokudla ubhedu eNdebeni yoMhlaba yangowezi-2019 kwelaseJapan.
Umengameli weSouth African Rugby Union (Saru), uMark Alexander uchaze ngesinqumo sabo sokugixabexa u-Erasmus ngalesi sikhundla sokucija iqembu.
“Sijabule ukumemezela ukuthi uRassie Erasmus uzothatha izintambo njengomqeqeshi waMabhokobhoko futhi kulandela impumelelo yakhe neqembu kusukela ngowezi-2018 futhi siyakholelwa wukuthi ukuqhubeka nobusu obujwayelekile ethimbeni labaqeqeshi nobunye ubusuku obusha obuletha injabulo buzosibeka ethubeni elihle lokufeza inhlosongqangi yethu yokudla isicoco sesithathu seNdebe yomhlaba kulandelana,” kubeka isitatimende sika-Alexander.
UFelix Jones naye ulishiyile iqembu ngemuva kweNdebe yoMhlaba. Ubecija abadlali baphambili. Izikhala zoNienaber noJones zivalwe ngoTony Brown noJerry Flannery.
“UTony Brown noJerry Flannery bobabili badlalile ezingeni lomhlaba futhi beza nesipiliyoni esihle sokuqeqesha. Ikhono labo lizolekelela kahle uMzwandile Stick, uDeon Davids noDaan Human abasayingxenye yethimba labaqeqeshi,” kuqhuba u-Alexander.
UFlannery uzocija abadlali basemuva bese kuthi uBrown agxile kwabaphambili. UBrown owaduma eqenjini lesizwe laseNew Zealand ubeyiphini lomqeqeshi eJapan kusukela ngowezi-2016 kwaze kwaba yiNdebe yoMhlaba yangonyaka odlule. Izinkontileka zoStick, Davids noHuman zilulwe ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. Ziphela ngowezi-2027.
“Kuyintokozo ukuthola uqweqwe olufana noJaco Peyper obengunompempe ethimbeni lethu lezikhulu zeqembu. Ukumbuyisa kuSA Rugby kuyinto enkulu ngoba ulwazi lwakhe ngomthetho womdlalo wombhoxo lumqoka. Seneme ngaleli thimba labaqeqeshi futhi sikulangazelele ukubona iqembu enkundleni okokuqala kusukela ladla isicoco salo sesibili seWeb Ellis imiqhudelwano ilandelana eFrance,” kuchaza u-Alexander.
UPeyper oqokwe njengonompempe ovelele amahlandla amane unikwe isikhundla sokuba ngusomaqhuzu obhekelele ezithinta ezemthetho. Ingwazi yomdlali uDuane Vermeulen iqokwe ukubhekelela wonke amaqembu esizwe kuMabhokobhoko. UVermeulen unqobe izicoco ezimbili zeNdebe yoMhlaba neqembu lesizwe.
Ithimba labaqeqeshi baMabhokobhoko:
- URassie Erasmus – Umqeqeshi
- uMzwandile Stick – Iphini lomqeqeshi
- uDeon Davids – Iphini lomqeqeshi
- uDaan Human – Iphini lomqeqeshi
- uTony Brown – Iphini lomqeqeshi
- uJerry Flannery – Iphini lomqeqeshi
- u-Andy Edwards – Obhekele ukwenza kahle kwabadlali