Now Reading
Babili onozinti okubhekwe kubona ozovelela ku-Afcon
Dark Light

Babili onozinti okubhekwe kubona ozovelela ku-Afcon

Uya ngokushuba umbango wonozinti ovelele ku-Africa Cup of Nations (Afcon), njengoba bobabili onozinti abasembangweni amazwe abawavimbelayo ezobhekana kusasa kowandulela owamanqamu. 

Labo nozinti uRonwen Williams walapha eNingizimu Afrika noStanley Nwabali yena odabuka eNigeria. La mazwe azotholana phezulu kusasa eStade de la Paix eBouaké, lo mdlalo uzoqala ngehora lesi-7 kusihlwa.

UWilliams emidlalweni emihlanu, ungenelwe amagoli amabili kuphela ngesikhathi iBafana Bafana ihlulwa iMali emdlalweni wokuqala wamaqoqo. 

Uphinde wazifaka emabhukwini omlando eba ngunozinti wokuqala kulo mqhudelwano ukuvimba amaphenathi amane, ngesikhathi iBafana Bafana ihlula iCape Verde kowequarter-final ngempelasonto. 

Kuze kufikwa kumaphenathi uvimbe ibhola ebeliyingozi sekuyophela umdlalo, nabaningi abathe kube yi”Save of the Tournament”. Kulo mdlalo uWilliams ugcine eqokwa njengomdlali wusuku. 

UNwabali naye usekwaze ukuthi angangenelwa goli emidlalweni emine, yena ukuthi usangenelwe igoli elilodwa. Igoli elamungenela iNigeria yadlala ngokulinga ne-Equatorial Guinea. 

See Also

Lo nozinti ovimbela iChippa United egijima kuDStv Premiership, uzobe ebhekiwe kusasa ukuthi avimbe amabhola abadlali abazi kangcono kwazise iningi leBafana Bafana lidlala kuligi yalapha ekhaya. 

Unozinti ogcine ukunqoba umklomelo wonozinti kulo mqhudelwano kowabe ngowezi-2021 eCameroon, unozinti waseSenegal u-Edouard Mendy.

UMendy ugcine engangenelwa goli izikhathi ezinhlanu emidlalweni eyisikhombisa, wasiza iLions of Teranga ukuba inqobe lo mqhudelwano.

Scroll To Top