Now Reading
Kufezeke iphupho ngokuhamba kukaShabba
Dark Light

Kufezeke iphupho ngokuhamba kukaShabba

 

ISONTO liqale kahle  njengoba kufezeke iphupho  leminyaka  noma amathemba alo bese eya ngokushabalala.

Leli phupho laqala  ngowezi-2010 ngesikhathi seMidlalo yeNdebe yoMhlaba eyayibanjelwe kuleli. Iphupho kwakuwukuthi abadlali abamubalwa ababegijima eqenjini lakuleli iBafana Bafana bahambe bayoziveza emaqenjini amakhulu aphesheya kwezilwandle asemazweni ahlukene.

Ngithi leli phupho lifezekile nje yingenxa yezindaba zokuthi uSiphiwe “Shabba” Tshabalala oneminyaka yobudala engama-33, usezoyibamba eTurkey kuligi enkulu yakhona iTurkish Super Lig, lapho ezogijima khona kwiBB Erzurumspor.

Ukuqala ukuthi azakhele ugazi kwaba unyaka wezi-2010 lapho ayedlala khona ibhola elinenkosi phakathi elingadle ngamjiko kodwa eliyaphambili.

Ngikhuluma nje uyena owavalela igoli lokuqala kulowo mqhudelwano, ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neMexico. Igoli lakhe lagcina liqokwe namanye amagoli amahle ngalowo nyaka.

Ngendlela igoli lakhe elaba likhulu ngakhona ikhokho alishaya ngalo lagcina ngokuthi libekwe enqolobaneni igcina okumagugu.

Ngawo unyaka wezi-2010 inhlangano ephethe ibhola likanobhutshuzwayo kuleli iSouth Africa Football Association (SAFA), yamqoka njengomdali odlale obaqoqode bonke emakhanda kuleli.

Yize iBafana Bafana yaphuma ekuseni kodwa uyena mdlali engambona edlala kangcono kunabanye abadlali.

Kuyangijabulisa kakhulu ukuthi sekuphele iminyaka eyisi-8 kwaphela iNdebe yoMhlaba kodwa namanje ibhola lakhe alihlukile nakancane njengoba eqenjini abegijima kulo iKaizer Chiefs ubeyisithenjwa.

Yize ebesephenduke iqaqa kubalandeli njengoba bese bemubiza (ngekhehla), kodwa ukuba khona kwakhe enkundleni bekusho lukhulu.

Phezu kwamagama abemulandela uTshabalala akaliphonsanga ithawula kunalokho usebenze ngokuzikhandla okuze kwanxenxa iBB Erzurumspor ukuthi imsayinise.

Bekungelona iphupho lami kuphela ukuthi ngimfisela ukuthi ayogijima phesheya kwezilwandle kodwa yena siqu sakhe lokho bekuyisifiso sakhe esikhulu.

Ngikusho lokhu ngoba ezikhathini eziningi uTshabalala ubethi mayekhuluma nabezindaba angakushiyi ukuthi usanesifiso sokugijima phesheya kwezilwandle.

Kukhona konke lokhu ayikho into enika ithemba njengokuthi ngeke afike aphenduke undinga sithebeni eTurkey, kwazise bakhona abadlali abakuleli abaseke bagijima kulelazwe bafike bazakhela amagama ngokuhlukana kwabo.

See Also

Engikwazi kahle kamhlophe ukuthi uTshabalala uzoqhubeka nokuthi aphakamise ifulegi lakuleli eTurkey.

Abadlali abaseke bagijima kuleliya lizwe  uGodfrey Sapula owadlalela iMKE Ankaragucu, umufi uJohn “Shoes” Moshoeu, uDumisani “Sphithiphithi” Ngobe noMaimane “Alfred” Phiri abadlalela iGenclerbligi Ankara.

Abanye uSteve “Mphathi” Komphela owadlalela iGaziantepspor FC neCanakkale Dardanelspor, omunye uHelman “Ncane” Mkhelele owadlalela i-Ankaragucu, iGoztepe neMalatyaspor. Omunye umdlali muva nje obegijima khona eTurkey uLebohang Manyama obedlalela iKonyaspor.

UTshabalala kuMakhosi usedlale imidlalo engama-209 wavalela phakathi amagoli angama-34. Kule minyaka ayihlalile kuleli qembu unqobe izinkomishi ezinkulu kuleli okuyiMTN 8, iVodacom Challenge, iTelkom Charity Cup, iTelkom Knockout, i-Absa Premiership kanye neNedbank Cup. Eqenjini lesizwe usadlale imidlalo engama-91 wavalela phakathi amagoli ali-12.

Abanye abadlali okwakunesifiso sokuthi  bayogijma phesheya kwezilwandle uTeko Modise weCape Town City, kwakumele ehambe esayibamba ku-Orlando Pirates.

Omunye unozinti ophinde abengukaputeni kuMakhosi u-Itumeleng “Spider Kid” Khune, owagqama ngowezi-2009 evimba eqenjini lesizwe ebamba iphenathi yesihlabani saseSpain uDavid Villa emqhudelwaneni obizwa ngeConfederation Cup.

Umdali osezogqama kuMakhosi  uKhune, owajoyina leli qembu ngowezi-2004.

Scroll To Top