UKhongolose ubukela phansi iSihlalo neNdlunkulu kaZulu: DA
Omele iDA kwesobundunankulu KwaZulu-Natal
Ubudlelwano phakathi kweqembu le African National Congress ( i-ANC) neNdlunkulu yakwa Zulu eNingizimu Afrika busivezela isimo lapho sibona uhlangothi oluthile lucindezela olunye. Izehlakalo zakamuva ziyaziqinisekisa izinsolo zempatho engeyinhle etshengiswa i-ANC eNdlunkulu, kuqinisekisa izinkulumo zokuthi leliqembu libukela phansi iNdlunkulu liphinde liyihlukumeze.
Isihlalo sobuKhosi bukaZulu, okuyisihlalo esihlonipheke kakhulu esizweni samaZulu, nesinomlando ocebile ngobukhosi nangokunqoba, sesivele sathuntubezwa sasetshenziswa njengesikhali sokulwa izimpi zezombusazwe. Ukuncika kweNdlunkulu enkeceni ephuma kuhulumeni, nokuyinto ejwayelekile emibusweni eminingi emhlabeni, kusetshenziswa njengethuluzi lokulwa ezombusazwe nokubukela phansi iNdlunkulu.
Lesi senzo sikaHulumeni we ANC sithunaza kakhulu iSihlalo soBukhosi bukaZulu neNdlunkulu yonkana. Esikhundleni sokubungaza uZulu nomlando wawo onothile, nokuqinisa ukuzimela kweNdlunkulu, i-ANC ikhethe ukusicindezela lesi Sihlalo soBukhosi. Lena akuyona inkinga nje yesifundazwe sethu kuphela kodwa into eyinkinga kuzwelonke.
Ukungena kwepolitiki ezinduneni, esinye isihlava esibhekene naso. Izinduna zibambe elikhulu iqhaza kwezokubusa nokugcinwa kwesiko esizweni samaZulu. Kodwa selokhu i-ANC yabusa, sekuguquke kakhulu lokhu, njengoba sekungene shi ezombusazwe kanye nemali. Nokho ngeke sabheca zonke izinduna ngobubende njengoba zisekhona ezisenza umsebenzi ngendlela kodwa eziningi esezingenwe igciwane lepolitiki zakhohlwa umsebenzi wokuhola izigodi ngentobeko, zaphenduka amathuluzi nje kaKhongolose alwa ngawo ezombusazwe.
Enye ingwadla esibhekene nayo indlela uMengameli uCyril Ramaphosa asingathe ngayo uhlelo lokuqokwa kweMbube. Iphutha alenzile liveza ukungalandelwa kwemigomo ecacile kuphinde kuveze nokunganaki kukaHulumeni nokujivaza iNdlunkulu yonkana. Iqiniso lithi, kusukela ekuqaleni i-ANC yasebenzisa lesi sikhathi esinzima eNdlunkulu ukuhlomula kwezombusazwe.
Ikusasa lesifundazwe iKwaZulu-Natal, enothe kakhulu ngomlando namasiko, lidinga uHulumeni ohlonipha noqhakambisa isithunzi seNdlunkulu. Kudingakala uHulumeni ozobuka iNdlunkulu njengengxenye ezimele kunokuwenza unodoli wayo wezidwedwe.
Ukuhlonipha iNdlunkulu nokuzimela kwayo kumqoka kakhulu kulesi sifundazwe esincike kakhulu emasikweni nezendabuko. UHulumeni oyohlonipha lokhu ngeke aze avikele isiko likaZulu kuphela kodwa uyobuye abambe iqhaza ukuqinisa nokuphakamisa ubuholi bendabuko.
Ukuze iNdlunkulu ikwazi ukuya phambili iphinde ihlonishwe, kumele isuse i-ANC emandleni KwaZulu Natal. Isifundazwe iKwaZulu Natal kumele sibenobuholi obuhlonipha ubuholi bendabuko, obuqhakambisa amasiko nomlando nokubaluleka kweNdlunkulu kaZulu, usebenzele ukuphakamisa nokuqhakambisa lesi sizwe, esikhundleni sokusihlukumeza ngokusinunusela ngenkece ukuze kuzuzwe ukusilawula ngokwezombusazwe. Lokhu kuyobe kungezelwa ukugcina isiko nje kuphela kodwa ukuqinisekisa ukuthi INdlunkulu inikwa indawo yayo ehloniphekile nezimele.