Now Reading
Zizogcwala udaka ezezisebenzi ezikhwabanisayo eMhlathuze
Dark Light

Zizogcwala udaka ezezisebenzi ezikhwabanisayo eMhlathuze

IMeya yaseMhlathuze uMnu uXolani Ngwezi uthe bazozikhomba ngesango izisebenzi zakulo Mkhandlu, uma zingabanjwa oqotsheni zeba izinsiza zokusebenza zoMkhandlu.

UNgwezi ngoLwesibili ekuseni ubize umhlangano  okade usemahhovisi alo, inhloso yawo bekuwukudlulisela kwabezindaba umbiko  ngokusebenza kwemali. 

“Ngiyafisa abantu bazi ukuthi izisebenzi ezitholakala ukuthi ziyabandakanyeka ekwebiweni kukadizili ziphuma ngesango. Miningi imibiko esesiyitholile ukuthi kunabantu abenza umkhoshosho ngoba befuna ukuzihlomulisa bona. Phambilini sike sabhekana nenkinga yokuthi uMkhandlu sekumele ukhokhe inkece engaphezulu kwezigidi, kukhokhelwa udizili okwabe kungaziwa ukuthi usebenze kanjani” kusho uNgwezi. 

Lesenzo uNgwezi usibalule njengokuthi ngaphakathi kunezisebenzi ezenza si eziphambene ngenhloso yokuthi kuvele isithombe esibi ngoMhlathuze. 

“Abanye balimaza izimoto zoMkhandlu ngoba benolwazi ukuthi kuzoqashwa izimoto zabo kube yizona eziqhubeka nomsebenzi” kubeka uNgwezi.

UMnuz uBheki Mtolo ongunobhala we-African National Congress (ANC) esifundazweni iKwaZulu-Natal uke wasola uNgwezi neqembu lakhe Inkatha Freedom Party (IFP) ukuthi badla izimali kulo Mkhandlu ongaphansi kweKing Cetshwayo. 

UNgwezi uthe kuzomele axolise uMtolo ngalezi zinsolo azisabalalisile ngaye kanye neqembu.

“Noma abantu abanjengoMtolo bengajwayele ukuthi benakwe uma bekhuluma, kodwa ingozi ekhona ukuthi inkulumo asuke eyishilo ingagcina isisabalala emphakathini. Amanga-ke agcina eseligqiba iqiniso.

See Also

Kusiphatha kabi ukuthi kunabantu abaphume umkhankaso wokukhuluma kabi ngathi, besibhale kabi ngenhloso yokugqiba okuyiqiniso” kubeka uNgwezi.

Nyakenye lo Mkhandlu ubalwe  neminye oziphathe kahle izimali.

“Siyaziqhenya ukusho ukuthi singomunye woMasipala abambalwa  asebephinde bathola umbiko ongenagcobho kulo nyaka, njengoba senzile nangonyaka odlule. Sifika kukuningi okonakele kulo Masipala ngesikhathi usaphethwe abanye kodwa sifike sashintsha izinto eziningi” usho kanje.

Eqhuba uthe: “Sengigoqa ngifisa ukuhalalisela iMeya yaseKing Cetshwayo uMnuz uThamisanqa Ntuli, ngokuthi kube nguye ozomela i-IFP kwesombango wesikandunankulu. Usebenzile kakhulu uMphemba (Ntuli), angingabazi ukuthi noma esengundunankulu uzoqhubeka asebenze” kusho uNgwezi. 

Scroll To Top