Now Reading
Umthente uhlaba usamila, uTyla ukufakazele
Dark Light

Umthente uhlaba usamila, uTyla ukufakazele

Iciko lakuleli eliselincane uTyla Seethal wodumo lwengoma iWater uhlabane ngendondo yakhe yokuqala yeGrammy kusihlwa ngaphansi kweBest African Music Performance nokuyisigaba ebesithulwa okokuqala kulo nyaka.

Le ntokazi eneminyaka engama-22 beyiqhathwe nezihlabani ezihlanganisa uBurna Boy, uDavido, u-Asake no-Olamide. Ingoma kaTyla ibe kunombolo yesi-7 ohlwini lweBillboard Hot 100 ngoMasingana.

“Angikakaze ngizicabange ngihlabana neGrammy ngisaseneminyaka engama-22 nje vo!” kusho le ntokazi ngesikhathi yamukela le ndondo. “Ngiyabonga kakhulu kuRecording Academy ngokwenza lesi sigaba seBest African Music Performance. Sibaluleke kakhulu kithi,” kuqhuba le ntokazi.

Lesi sigaba seBest African Music Performance singesinye sezintathu ezintsha ezifakwe ohlwini lwamaGrammy 2024, nokukhona kuwo neBest Alternative Jazz Album neBest Pop Dance Recording.

See Also

Lo mcimbi bewutshengisiwa bukhoma eziteshini zethelevishini zase-USA iCBS Television Network neParamount, kanti ezinkundleni zokuxhumana bekuchwaza ngenxa yenjabulo yabalandeli bale ntokazi abasabalele umhlaba wonke.

Scroll To Top