OkaMajola kufulelwa ngaye inxiwa lingabheki umoya
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuningi okwenzakalayo eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC). Lo mnyakazo ubukeka unenhloso eyodwa, ukuqinisekisa ukuthi iqembu liya okhethweni limi kahle ngaphakathi nangaphandle.
Ngaphakathi iqembu lizama ngawo onke amandla ukuthi ukungaboni ngaso linye kwamalungu nezinhlaka kuyagqibeka okungenani kuze kwedlule ukhetho olumqoka. Lokhu kushanela ngaphakathi nokuthunga lapho kudabuke khona kube sobala lapho leli qembu libamba umhlangano walo wakamuva wobuholi obuphezulu kuzwelonke (NEC). Kulo mhlangano kube sobala ukuthi inhloso wukuphuma noKhongolose ongconywanana, nokuqinisa uMengameli weqembu uRamaphoisa idolo njengoba eyokwethula inkulumo nje ezinsukwini ezimbalwa.
Inkulumo yalo nyaka imqoka ngoba unyaka esikuwo uqopha iminyaka engama-30 leli lizwe lathola inkululeko. Lokhu kusho ukuthi uMengameli wezwe nowe-ANC uzothola ithuba lesibili njengoba enzile ngenyanga eyedlule eMpumalanga lokukhuluma ngeminyaka le engama-30, ebalula okuhle osekwenzekile, abuye akhe nakulokho okube zingqinamba. Koqaphelayo angesolwe uma engathi leli qembu ngenkulumongqangi lizothola ithuba lokukhankasa kulalele wonke umuntu.
Okunye leli qembu eliphezu kwakho wukudambisa umlilo wequbula woMkhonto Wesizwe. Leli kloba liqale ngonyaka owedlule ngesikhathi loyo owabe engumengameli weqembu uMnu uZuma esidlangalaleni ememezele ukuthi nonyaka kazukuvotela iqembu asebe yilungu lalo iminyaka engaphezu kwama-60. Wathi kunalokho uzovotela iqembu elisha uMkhonto Wesizwe. Kusuka ngalolo suku iqembu ezinhlakeni ezahlukene libhulana nemililo, lichaza ngokwebiwa kwegama nezimpawu zalo, ukudumala ngokwenziwa nguZuma muva nje liveze ukuthi liyamumisa uZuma eqenjini.
Bekuqashelwe nabalingani
Kwenzeka konke lokhu nje elinye iso libheke abaholi abanohlonze ikakhulukazi KwaZulu-Natal ukuthi ngeke yini benze okufanayo, balandele uZuma. Lo mholi ubehlala ehlukanisa ubuholi bukaKhongolose phakathi KwaZulu Natal njengoba bekuthi uma eya enkantolo kube khona ukwahlukana kwemibono. Abaholi abafana noMdumiseni Ntuli noZikalala ngaleso sikhathi bazithola sebethelwa ngamachaphazelo ngoba babesolwa ngokuthi kabameseki uZuma emacaleni. Ngakolunye uhlangothi abaholi abafana nomufi uMeshack Hadebe noMfundisi uDube bebe ngasali emabaleni enkantolo beseka uZuma.
Omunye umholi obeqashelwe ngolokhozi nguNks uZandile Gumede, okaMajola. Lo mholi wesifazane kukholakala ukuthi usondelene kakhulu noZuma njengoba bebesekana nasemacaleni abo athethwa ezinkantolo ezahlukene KwaZulu-Natal. Kwale ngisho esenindwe ngobubi wahlonzwa njengomgulukudu onembobo ekhaleni kepha ukwesekwa kwakhe akuguqukanga ikakhulukazi eThekwini lapho evela khona. Okwathusa abaningi ngaphakathi nangaphandle eqenjini kwaba wukuthi ngisho emisiwe ukusebenza njengomele iqembu kulandela inqubo ye-ANC amalungu ale hlangano aqhubeka amqoka njengoSihlalo weTheku. Uqokwa nje akekho nase mhlanganweni.
ITheku limqoka kakhulu kule nhlangano njengoba kuyilo elimanagatsha amaningi kanti khona lapho linguMasipala omkhulu KwaZulu-Natal. Ukulahleka kwalo ku-ANC kungasho inhlekelele nengawodloza isifuba sayo sempi njengoba kuyiwa okhethweni. Kube ngalesi sizathu leli qembu linqume ‘ ukubuyisana’ nokaMajola. Linqume ukuba abe sekhaleni lemikhankaso yeqembu. Lesi senzo ngokusobala senzelwe ukuqinisekisa ukuthi uMkhonto Wesizwe awungeni ngenxeba uthathe uMama nokuligama okaMajola abizwa ngalo ngamalungu nalabo abamsekayo. UMengameli we-ANCWL uNkk uSisisi Tolashe akanamahloni ukusho ukuthi nembala kuMajola banesikhuphekhuphe onekhono lokukhankasa nokuthi njengenhlangano bayamdinga.
Lokhu kukhuluma kukaNkk uTolashe kulandela okwaloyo onguNobhala weqembu KwaZulu-Natal , uMnu uMbalula nocashunwe ethi: “Yize emisiwe (okaMajola) emsebenzini yenhlangano njengoSihlalo weTheku kodwa iqiniso ukuthi awukwazi ukumvimba ukuba atshele abantu ukuthi abahambe bayovotela i-ANC bayamthanda loya muntu abantu hheyi. Uyabona uma eqhamuka bayahlanya bathi nangu umama bamemeze. Manje nisho ukuthi kumele sikuvimbe lokho? Hhayi nidlala ngathi,” kusho uMtolo.
Lezi zinkulumo nokutuswa kokaMajola kwakamuva kukhomba ukuthi i-ANC inendaba nezinombolo ezizophuma KwaZulu-Natal. Inendaba nokuthi uZuma nezakhe bangadli ensimini asebayisebenza iminyaka. Lokhu kufakazela inkulumo yepolitiki ethi kupolitiki kasikho isitha noma umgani wangunaphakade.