Now Reading
Thanda ukufunda amabhukwana esiZulu
Dark Light

Thanda ukufunda amabhukwana esiZulu

Sezivuliwe izikole kanti namabhuku esikole usuwatholile. La mabhuku alingana nebanga lakho olifundayo njengoba ebhalwe ngolimi namagama alungele iminyaka yakho.

Njengengane yelaboHlanga sikugqugquzela ukuthi ukuthande ukufunda amabhukwana ezingane. Lokhu kuzokwenza kube lula ukuphumelela nasesikoleni.

Kusuka namuhla yiba yilungu lomtapo wolwazi esikoleni nangasekhaya. Khumbula amabhuku atholakala emtapweni yolwazi ayabolekwa abuye abuyiselwe lapho ngosuku olubhaliwe.
Ungalokothi ulibhale ngepeni ibhuku olibolekile ngoba lokho kuyokwenza kungabi kuhle ukulifunda kwabanye. Lokhu kuzokwenza uthole, emtapweni wolwazi, amabhuku amaningi azokucija kangcono. Uma usuyilungu thatha amabhuku alingana neminyaka nebanga lakho esikoleni.

See Also

Khumbula kuwo wonke amabhuku ozowaboleka ungawakhohlwa awesiZulu ukuze uthuthukise ulimi lwakho. Enye indlela elula yokufunda amabhuku wukuthi uwafunde nabanye ngakho kungakuhle nakhe ikilabhi yabangani bakho enizofunda nabo amabhuku. Khumbula ukuthatha amabhuku alingana nebanga neminyaka yakho.

Scroll To Top