Now Reading
Uzizwa amandla ngeJBS uMhlakwana
Dark Light

Uzizwa amandla ngeJBS uMhlakwana

UNkosikhona “Pit Bull” Mhlakwana uzimisele ngokuwuvula kahle unyaka wezi-2024, ngokuthi enze iskhathi azibekele sona kumjaho wokuqala ozokuba ngeSonto. 

Umjaho ozovula unyaka obizwa ngeJoseph Bhekizizwe Shabalala (JBS) Marathon, ngawo kuhloswe ukuhlonipha uJoseph Shabalala ongumsunguli weqembu lesicathamiya, iLadysmith Black Mambazo, eqophe umlando inqoba amaGrammy Award amahlandla amahlanu.

UShabalala wadlula emhlabeni ngayo le nyanga ngonyaka wezi-2020 eneminyaka yobudalal engama-78.

Lo mjaho ozobanjelwa eMnambithi  uhlukaniswe izigaba ezintathu okuyibanga lika-42km, 21km nelika-10km. Oka-42km uzosukela eMbuzweni usongwe eSettler Park, kanti lawa amanye amabanga azosukela eSettler Park aphelele khona. 

Nyakenye ebangeni lika-42km uMhlakwana, ogijimela iHollywoodbets AC uyena owashaya intambo ngesikhathi esiwu-02:18.53. Kwabesifazane khona kwanqoba  uLikeleli Majara (02:56.45).

“Ngalo mjaho ngizozwa amanzi ngobhoko, ukuthi unyaka wami ngiwuqala kanjani. Ngesikhathi abantu bezenzela izinto zabo ngoZibandlela, mina bengigijima ezintabeni zaseHowick ngizicijela wona lo mqhudelwano wokuhlonipha ubaba uShabalala. Kulo nyaka ngeke ngibonakale ebangeni lika-42km kodwa ngizogijima kwelika-21km, khona ngizimisele ukushaya isikhathi esiwu-1:05. Uma ngingaqeda ngalesi sikhathi nakanjani imina ozoshaya intambo kuqala. Kungakuhle ukuthi nyakenye nginqobe ibanga lika-42km nonyaka bese nginqoba elika-21km” kusho uMhlakwana. 

Uma kungathiwa uyanqoba uzogoduka nezinkulungwane ezili-R15.

“Ngonyaka odlule ngivule ngawo lo mjaho okuhlungelwa ngawo iComrades neTwo Oceans Marathon, ngawunqoba engikholwa ukuthi lokho kwangivulela izinhlanhla ekutheni ngenze kahle. Ngayo iJBS Marathon ngizilungiselela iRunifield City 50km ezoba mhla zingama-25 kwephezulu eGqeberha, e-Eastern Cape” kusho uMhlakwana. 

Nyakenye  uphume endaweni yesithathu kuTwo Oceans Marathon (3:10.40), eye-12 kuComrades  Marathon (5:30) neyesikhombisa kuSoweto Marathon (2:21.39). Uphinde waqokelwa eqenjini lesizwe kuma-IAU 50km Championships abese-India. Nokho wagcine engayanga.

Ebuzwa ukuthi nonyaka uzimisele ngani uthe: “Ngihlezi ngisho ngithi kunyaka omusha ngisuke ngifuna ukwenza kangcono njengoba bengenzile nyakenye. Lokhu okuhle engikwenze nyakenye ngifisa kube ngaphezulu kulonyaka. Ngalokho kuzomele ngizimisele ngisebenze kanzima ukuze konke lokho kuzofezeka” ubeke kanje.

See Also

Ephawula ngeComrades Marathon yakulo nyaka uthe: “Ngiqala ukugijima iComrades Marathon kwakuwunyaka wezi-2019 yayinyuka ngaphuma endaweni ye-11. Nakulonyaka izobe inyuka kusukela yagcina ukuthi inyuke ngawo unyaka wezi-2019, ngizimisele ukuthi kulokhu ngiqede nabali-10 bokuqala abaphambili” usho kanje. 

Kushone elayizolo ngezindaba zokuthi iHollywoodbets AC esiphenduke iMamelodi Sundowns yezokusubatha, isisayinise umsubathi osezakhele igama kuleli uStephen Mokoka. 

UMhlakwana ephawula ngakho uthe: “Ngiyamamukela kakhulu uMokoka eqenjini, ukufika kwakhe kuzosilekela kakhulu ngoba sizoncela ulwazi oluningi kuyena. Kungephikiswa ukuthi uzakhelile igama kwezokusubatha, nathi sibheke lapho ngalokho indlela eya phambili sizoyibuza kuyena” usho kanje.

Ubonge kwiHollywoodbets umqeqeshi uProdigal Khumalo, abaxhasi bakhe, iPuma, 32Gi, i-Edemed Pharmacy, i-Elite Athlete Development Program nePrime Human Performance Institute.

Scroll To Top