Now Reading
Kufe umholi weBoko Haram okukade ewumafa avuke okwekati
Dark Light

Kufe umholi weBoko Haram okukade ewumafa avuke okwekati

Umholi weqembu lamasosha aseNigeria iBoko Haram ushonile, kusho iqembu eliphikisayo esiqophamazwini esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Umholi weThe Islamic State West African Province (ISWAP) kubikwa ukuthi wathi umholi weBoko Haram u-Abubakar Shekau wazibulala ngeziqhumane ngenyanga edlule ngemuva kwempi eyayiphakathi kwala maqembu womabili.
“USankau uncamele ukujivazwa esefile kunokuhlazeka emhlabeni, futhi wazibulala ngaso leso sikhathi ngokuqhumisa isiqhumane.”

Lo mholi weBoko Haram sekuke kwabikwa ukuthi ubulewe kaningana ngaphambilini kule minyaka eli-12 edlule. Kodwa imithombo emibili ejwayelekile ngalolu daba iqinisekise ukuthi lezi zindaba ezivela kumholi we-ISWAP uqobo, u-Abu Musab al-Barnawi ziliqiniso.
Kubuye kwaqinisekiswa embikweni wezobunhloli waseNigeria owabikwa yisikhulu sikaHulumeni nabaphenyi beBoko Haram.

Abahlaziyi bezepolitiki bathi ukushona kukaShekau kungaholela ekupheleni kombango onodlame phakathi kwala maqembu womabili, okwenza i-ISWAP ihehe abasohlangothini lweBoko Haram iphinde ihlanganise namandla ayo enyakatho mpumalanga yeNigeria.
I-ISWAP phambilini yayiyingxenye yeBoko Haram ngaphambi kokuba ihlukane eminyakeni emihlanu eyedlule, ngemuva kokuphikisana nokubulawa kwabantu yiBoko Haram.

Ngonyaka wezi-2014, iBoko Haram yaba sematheni emhlabeni wonke ngemuva kokuthumba amantombazane esikole angaphezu kwama-270 asedolobheni iChibok, nokwadala umkhankaso womhlaba wonke wokuthi mawabuyiswe. Cishe i-100 lamantombazane eChibok Girls asatholakala, kanti amanye kucatshangwa ukuthi afela ekuthunjweni.

IBoko Haram ibulale abantu abangaphezu kwezi-30 000, iphoqe abantu ababalelwa ezigidini ezi-2 ukuba babaleke emakhaya yaphinde yadala enye yezinhlekelele emhlabeni.
Ngalo futhi isonto eledlule bali-136 abafundi abathunjwe esikoleni samaSulumane eNigeria ngeSonto, ngokusho kweziphathimandla zendawo ngoLwesithathu. Lokho kungaphansi kwesilinganiso sangaphambilini esingama-200.

See Also

Bathunjwa oshayasibhamu esifundazweni esisenyakatho maphakathi neNiger. IPhini LoMbusi waseNiger u-Ahmed Mohammed Ketso uthi, “UHulumeni manje usexhumana nabazali bezingane ezithunjiwe, baqinisekisiwe ngokubuya ngokuphepha kwezingane zabo. Ake ngibuyise ukuma kwethu kokungakhokhi noma yiluphi uhlobo lwesihlengo kunoma yisiphi isigebengu esibizwa ngokuthi isigebengu. ”

Iqembu ebelihlomile lihamba ngezithuthuthu lihlasele idolobha laseTegina ngeSonto.
Sekube nenqwaba yokuthunjwa esifundeni ezinyangeni ezedlule. Kusolwa amaqembu ezigebengu enza ukuthunjwa kwabantu ngenhloso yokufuna imali yokuhlengwa ngenxa yokuhlaselwa kwezikole kanye namanyuvesi. Kubalelwa ekutheni cishe zingama-800 izingane ezithunjiwe kusukela ngoZibandlela.

Scroll To Top