Now Reading
Abenkomo kahaga babuyele ezinqoleni
Dark Light

Abenkomo kahaga babuyele ezinqoleni

NGEZIKHATHI zempi lapho babedudulana khona naboHlanga kanye namaNgisi, abenkomo kaHaga (amaBhunu) babeneqhingasu elabe libasiza futhi libenza banqobe.

Balisebenzisa ngesikhathi belwa nempi yeNdunduma yaseMgungundlovu, iNgonyama uDingane. Lapha kwakuthi nxa bebhekene nesitha bahlehlele ezinqoleni (laager) nababethi bangangena kuzo babe nendlela ekahle yokubuka nokuqotha isitha.

Le ndlela yokulwa yaba wuphawu lobuqhawe nobunye kumaBhunu neyasetshenziswa njengegama lokuwakhomoza uma kunento okumele bayenze njengesizwe. Mhla beba nofuduko (Great Trek) ngonyaka we-1835nowe-1846, babesebenzisa izinqola nokuze kube yimanje ziluphawu lobunye kubo.

Eminyakeni emihlanu eyedlule kube sobala ukuthi iningi lamabhunu lizithola lingaphansi kwengcindezi njengoba imilomo yabe isivunana ezweni odabeni lomhlaba oselungundaba mlonyeni kumaqembu aboHlanga kusuka ku-Afriican National Congress ( ANC) kuya kwiEconomic Freedom Fighters (EFF). Njengokwejwayelekile uma ezibona ehlaseleka amabhunu ayabumbana enze into eyodwa nokuwenza anqobe.

Udaba lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo kubukeka kuyilo olwenze amabhunu abamunye njengoba bekunokhetho.

Kuthe kusa ngoLwesine sekuphuma izibalo abaningi bamangala ngokwenza kahle kweFreedom Front Plus okuyiqembu ebelingabhekiwe kakhulu, kwazise uma kucatshangwa abamhlophe okhethweni kuvamisile ukuthi bayamaniswe neDemocratic Alliance.

Okhethweni olwedlule ngowezi-2014 leli qembu eliholwa uMnu uPieter Groenewaldt owayeyiMeya yaseSterkfontein lathola amavoti ayizi-165 715 lathola izihlalo ezimbili ePhalamende kodwa aliphelanga Amandla ngoba noma belingenalo iningi kodwa uGroenewaldt ubebamela labo abamvotela.

Ngesikhathi sokuloba lapha izolo iFreedom Front Plus ibisendaweni yesine kusabalwe amavoti angama-42% kuzihola phambili i-African National Congress ngama-56%, kulandele iDemocratic Alliance (DA) ngama-24%, i-Economic Freedom Fighters (EFF) isendaweni yesithathu ngmaphesenti ali-9.2%.

IFF Plus iyavuma ukuthi udaba lomhlaba nalokho abakholelwa kukhona ngokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo yikhona okubenze bawumazibuthe kubalandeli abangamabhunu.

INhloko yokhetho kuleli qembu uMnu uWouter Wessels uthi bathinte imizwa yabantu abaningi abakholelwa ukuthi ukuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo akunabulungiswa futhi i-ANC,

I-EFF nabanye abeseka lo mthetho baphambene nomthetho “Sikwazile ukuletha izinkulungwane zabantu ezikhungweni zokuvota ngoLwesithathu, futhi sikwazi ukuthola nabathu abasha abasivotele. Nakuba besinezihlalo ezincane ePhalamende sense konke futhi sikhombisile ukuthi siyiqembu eliphikisayo. Asizange sigudluke kwinqubomgomo yethu njengeqembu noma bekukhona izivunguvungu,” kusho uWessels.

Umhlaziyi wezepolitiki ozinze eNyuvesi iNelson Mandela uMnu u-Ongama Mtika uthe okunye okubonakala kusize iFF Plus kulolu khetho ukungabi nozinzo kweDA nezimpi zayo zangaphakathi.

Uthe iDA yazibophezela ekubeni yiqembu elivulelekile nokudoba kakhulu aboHlanga okuyinto enhle kodwa eyilimazile kwabamhlophe abakholelwa ukuthi leli kwabe kuyiqembu elinezinsika zabelungu.

“Kuyacaca ukuthi amanye amavoti amaningi eFF Plus aphume kulabo ababengamalungu eDA.”

See Also

Okunye akuvezile athe kuyisizile ekutholeni amavoti ukuyisa iBlack Land First (BLF) enkantolo ifuna ukuba ikhishwe iKhomishini Yokhetho ikhiphe ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho emuva kokuba umholi wayo uMnu u-Andile Mngxitama ethe bayiqembu laboHlanga kuphela futhi ababafuni abelungu nezinye izinhlanga.

Noma izinto zisazoshintsha kakhulu ngokungena kwamavoti asemadolobheni, kodwa izibalo zikhomba ukuthi maningi amathuba okuthi leli qembu ligcine lingelesine kwaphikisayo. Le ndawo phambilini bekuhleli kuyo I-IFP. Esifundazweni iGauteng nakhona leli qembu lisenza kahle, izolo ntambama belisendaweni yesine.

UGroenewald usanda kuzakhela ugazi nasemphakathini wamaKhoi San kuleli ethi kumele abhekelelwe kancono ngomhlaba. Okunye abakubekayo nokube yizithembiso zokhetho njengokuthi bafuna kwehliswe isibalo songqongqoshe kube neminyango eli-16 abantu kubonakala bekwamukele.

Okuqukethwe kumqulu wezethembiso waleli qembu ukuthi omasipala bakwazi ukuzilawulela iziphehli zikagesi kungabi u-Eskom ngoba izinkinga eziningi zidalwa nguye. Udaba lokunqamuka kukagesi namanje lusengundabamlonyeni ezweni okungangokuba bekunovalo lokuthi kungenzeka nangosuku lokhetho.

IFreedom Front Plus yasungulwa ngoNdasa wezi-1994 sekusele amasonto ambalwa kubanjwe ukhetho lokuqala. Yasungulwa owayengumkhuzi wezempi uGeneral uConstand Viljoen, emuva kokuphuma enhlanganweni yamaBhunu I-Afrikaner Volksfront.

Ekusungulweni kwayo kwakungelona iqembu lezepolitiki, kodwa ngoMbasa we-1994 uGeneral Viljoen walibhalisa kuKhomishini Ezimele Yokhetho. Ngokhetho lokuqala lathola izihlalo ezili-9 ngamavoti angama-500 000.

Eminyakeni engama-25 ikhona isibe nabaholi abathathu, emuva kukaGeneral Viljoen kwangena uMnu uConnie Mulder ngowezi-2001 njengoba sekunguGroenewald. Ngokwesekwa ngale ndlela kulolu khetho iFF Plus isiqalile ukuthumela umyalezo ngokuthi izoba yiqembu eliphikisayo elinamandla elikumelayo lokho elikholelwa kukho. Kule mpumelelo yalo kuze kube manje abaholi bayo bathi kusesekuseni ukuthi sebengabhiyoza ngoba izinto ziyaguquka.

Scroll To Top