Akafuni nokuyizwa eyokuvuswa kwegama lokubizwa kwamaProteas ngezehluleki uMakhaya Ntini
Elakuleli liqale iNdebe yoMhlaba ngegiya eliphezulu lithela othulini iSri Lanka ngama-run angu-132.
Kuthe kusenjalo laqumba phansi i-Australia ngama-run angu-102. Lokhu kwenze izinkumbi zabathandi bekhilikithi emhlabeni baqala bathipha leli qembu ekutheni liqede ishobolo leminyaka engu-31 lihlukwa wukunqoba iNdebe yoMhlaba.
NgoLwesibili zijikile izinto amaProteas engena ehlazweni eguqiswa ngompushana iHolland ngama-run angu-38.
Eminyakeni eyedlule amaProteas ahluleke kaningi esebheke empumelelweni kweyoMhlaba okuholele ekutheni abizwe ngezehluleki (chockers).
UNtini odlale eNdebeni yoMhlaba ka-2003 eNingizimu Afrika nango-2007, eWest Indies utshele elaboHlanga engxoxweni ekhethekile ukuthi akayithandi eyokusetshenziswa kwegama lezehluleki.
“Angithandi ukukhuluma eyaleli gama ngoba ngibe yingxenye yezikwati zamaProteas ezibizwe ngezehlulekile kulandela ukuhlulwa yiNdebe yoMhlaba. Ngakho asingalisebenzisi leli gama. AmaProteas awakhishwanga esigabeni somkhumulajezi. Thina besibizwa ngaleli gama ngoba siphume ezigabeni zomkhumulajezi. Ukhalo luse lude kule Ndebe yoMhlaba. Siqale kahle emidlalweni emibili yokuqala kwathi kowesithathu saba nosukh olubi. Ompetha boMhlaba nabo babenosukh olubi beshaywa yi-Afghanistan. Ngabe sekumele babizwe ngezehluleki? Asilihloniphe iqembu lesizwe. Singathathi izinto ngemizwa bakwethu,” kuchaza uNtini.
Kusasa ngele-10.30 ekuseni amaProteas azodudulana namaNgisi komunye umdlalo wamaqoqo ozoba seWankhende Stadium.
“Kube kuhle ukushaywa kwamaProteas umqhudelwano usanda kuqala. Lokhu kuzokwenza baphaphame. Akufani nokushaywa kowandulela amanqamu. Wadliwa kowandulela amanqamu sekuphelile ngawe. Njengamanje banethuba lokungisa amaphutha. Basangavuka bazithintithe. Akuphelile ngabo,” kuqhuba uNtini.
Ngemuva komdlalo namaNgisi elakuleli lizobhekana neBangladesh, Pakistan, New Zealand, India ne-Afghanistan.
“IHolland siyithathe kancane. Sisuke sacabanga ukuthi sizozidlulela kalula. Badlale umdlalo ngaphambi kosuku lomdlalo bawunqoba. Okuhle ukudliwa yibona akusho ukuthi sesiphumile emqhudelwaneni njengoba kwenzekile ngonyaka odlule e-Australia koweNdebe yoMhlaba yeT20. Into engifuna ukuyibona eqenjini lethu umgqigqo. Ngifuna ukubona sidlala ngendlela efanayo kuyo yonke imidlalo. Asingakhethi amazwe. INdebe yoMhlaba ayinqontshwa kanjalo,” kulandisa uNtini.
AmaProteas afinyelele kweyandulela amanqamu ngo-1999, 2007 nango-2015. Akakaze azibekisele indawo kowamanqamu. Ayisaphathwa eyokuqubula indebe.
“AmaNgisi nawo adonsa kanzima. Asidliwe imidlalo emibili kulo mqhudelwano. Ukuze sizibeke ethubeni lokufinyelela kowandulela amanqamu kumele sishaye amazwe amathathu kulawa athathwa njengamakhulu siqale ngayo i-England, iPakistan, iNdiya noma iNew Zealand,” kuchaza uNtini.
UTemba Bavuma nguyena ohola iqembu. Ungukaputeni wokuqala omnyama ukuhola amaProteas.
“Kuyisifiso sami ukubona uTemba Bavuma ephakamisa iNdebe yoMhlaba. Uma ebuya nayo ngizomhlangabeza esikhumulweni sezindiza. Ngizophinde ngimphelezele uma eseya ephalamende. Impumelelo yamaProteas izokwenza omkhulu umehluko eNingizimu Afrika. Sizobona kuvulwa inqwaba yezikhungo zekhilikithi ezindaweni ezahlukene ezindaweni zasemalokishini.” kubeka uNtini.