Ufuna ukuyiphinda iMorocco umqeqeshi weBafana Bafana
Namuhla ngehora le-10 ebusuku iNingizimu Afrika izotholana phezulu ne-Atlas Lions emdlalweni we-last ye-Africa Cup of Nations (Afcon) eStade de San Pedro kwelase-Ivory Coast.
IMorocco iqede iqhwakele kuGroup F ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu kwathi iBafana yaqeda endaweni yesibili kuGroup E.
La mazwe abaseqoqweni elilodwa emidlalweni yokuhlunga. IBafana iyona eqede phezulu. Kowokugcina iqumbe phansi iMorocco ngo 2-1 eFNB Stadium, eNasrec, eGoli.
“Sike sayidla iMorocco ngonyaka odlule sidlalela eGoli. Kulowo mdlalo sadlala ingcwenga yebhola. Ngakho nakusasa (namuhla) siyakholwa wukuthi singaphinde siyihlule iMorocco kodwa kumele sizinikele ngokuphindiwe ukuze sikwazi ukuthola umphumela omuhle. Kwazi bani mhlawumbe nathi sizophinde simangaze izinkumbi zabalandeli ngokukhipha lesi sikhondlakhondla sezwe esifana neMorocco. Ngifisa sengathi umdlalo singawunqoba ngemizuzu engama-90. Babophele abadlali abaseqophelweni eliphezulu kodwa ngesinye isikhathi ukubophela abadlali abenekhono akusho ukuthi uzonqoba. Sibone izimanga emasontweni adlule nathi sizozama ukuphinde sithuse abalandeli bebhola e-Afrika,” kubeka uBroos.
I-Atlas Lions ikleliswe endaweni yokuqala e-Afrika kanti emhlabeni jikelele iyibambe endaweni yeshumi nantathu.
“Lona ngumdlalo omqoka kuwona womabili amaqembu. Siwuqonda kahle umthwalo osihlalele emdlalweni wakusasa (namuhla) uma sesibhekene neMorocco. Njengamanje iMorocco iyona ekleliswe endaweni yokuqala e-Afrika. Yenze ezibukwayo eNdebeni yoMhlaba iqeda endaweni yesine. Ngaphezu kwalokho ibophele inqwaba yabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Ngeke sikubalekele ukuthi kuzoba nzima,” kulandisa uBroos.
IMorocco iqophe umlando ngeNdebe yoMhlaba yowezi-2022 kwelaseQatar iqeda endaweni yesine. Ibe yizwe lokuqala elidabuka e-Afrika ukufinyelela kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba.
“Esengikubonile ngale-Afcon wukuthi kunenqwaba yemiphumela eshiye abaningi bebambe ongezansi. Ngibone izikhondlakhondla zamazwe afana noCameroon ziwasha ijezi ezinsukwini ezedlule. Lokhu kusidweba sicace isithombe sokuthi kungenzeka noma yini,” kuchaza uBroos.
Phakathi kwamazwe amakhulu asewashiswe ijezi kulo mqhudelwano kukhona i-Algeria edle umhlanganiso ngowezi-2019, iCameroon enezicoco ezinhlanu ze-Afcon, iSenegal evikela isicoco nelaseGibhithe eliphethe izicoco eziningi ze-Afcon ngeziyisikhombisa.
“Siyazethemba. Siyakholelwa kithina njengeqembu. Siyakwazi esingakwenza osukwini lomdlalo. Asinalo uvalo ngomdlalo wakusasa (namuhla). Sizozama ukudlala ibhola esliqophelweni eliphezulu. Siyaqonda futhi ukuthi iMorocco singakwazi ukuyishaya. Yebo, iyiqembu eliqinile futhi eliseqophelweni eliphezulu. Lokho ngeke sikubalekele. Uma singaqala umdlalo ngendlela esiqale ngayo emidlalweni yaphambili kwazi bani mhlawumbe sizothusa abaningi.” kuphetha uBroos.